UKUDEMBESELA kwabantu ukuhlolwa izifo kufaka ingebhe yokuthi bangahlaselwa izifo ezithinta inhliziyo bengazi.
Ucwaningo olwenziwe iDiscovery Vitality phakathi kuka-2019 no-2023 luveza ukuthi abanye bantu kuphela iminyaka emithathu bengazange bahlolwe ukuthi ngabe zikhona yini izifo abanazo egazini, okuholela ekutheni baze bagule kube ima kuvela ukuthi izifo sezinesikhathi zikhona egazini.
Lolu cwaningo luveze ukuthi kubantu abangu-10 bakuleli bayisithupha abazihlolayo njalo ngonyaka ukuthi abanazo yini izifo ezibangenile.
UDkt Mosima Mabunda, oyinhloko yophiko lokuzinakekela ngokwezempilo, eDiscovery Vitality, uthe ucwaningo lwabo bebelwenza ngokubheka amalungu abo ukuthi ayalulandela yini uhlelo lokuhlolwa ukuthi awanazo yini izifo, bathola ukuthi iningi alizikhathazi ngokwenza lokhu yize line-medical aid.
“Emhlabeni wonke, izifo zenhliziyo nesifo sikashukela yizona ezihamba phambili ngokuba yimbangela yokufa kwabantu, ukukhubazeka nokuba nempilo ebuthaka. Kuyashaqisa ukuthi cishe uhhafu wabantu abadala abaphila nomfutho wegazi ophezulu noma isifo sikashukela abazi ukuthi banalezi zifo. Ukuhlaziya kwethu kwakamuva kukhomba ukuthi uma ukuhlolwa kwenziwe kahle kuyasiza ukuze kutholakale ukwelashwa okufanele. Njengoba abantu abaningi bengazi ukuthi banalezi zimo, kusho ukuthi abakutholi ukunakekelwa okudingekayo okwandisa ingozi yokuqhubeka kwezifo," kusho uDkt Mabunda.
Uqhube wathi emhlabeni wonke siyakhula isibalo sabantu abahlaselwa izifo ezithinta inhliziyo ngakho kudingeka ukuthi kugxilwe ezinhlelweni zokugwema izifo, ukuzelapha nokuzilawula.
“Ukuzihlola kunomthelela omuhle wokonga noma wokugwema izindleko ezihambisana nokwelashwa kwezifo esezinesikhathi eside zikhona egazini," kusho uDkt Mabunda.