INHLANGANO Abahlali baseMijondolo ithi izolugubha ezifundazweni ezintathu usuku lwayo lokungakhululeki. Abale nhlangano bathi abakwazi ukugubha uSuku lweNkululeko u-Ephreli 27.
Bakhala ngokuthi abantu abampofu kabakhululekile ngaphansi kukahulumeni we-ANC, bahlaselwa yizinkabi, kabanazindlu futhi abakwazi ukuvikelwa ngamaphoyisa.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba yile nhlangano, namhlanje bazolugubha namhlanje usuku lokungakhululeki abalubiza nge-UnFreedom Day.
Kuzoba nemashi ezosuka eCurries Fountain iye eCity Hall, eThekwini.
Esifundazweni iMpumalanga kuzoba nemashi ezosuka eVukuzakhe Location iye eVolksrust Townhall kanti eGauteng kuzoba nerali eGoodhope Settlement, eGermiston.
Abahlali baseMjondolo bakhala ngokuthi kabakhululekile futhi kabaphephile ngoba izindluzabo ziyahlaselwa. Babalisa ngokuthi kabakwazi ukuthola umhlaba osesimeni esifanelelapho bengakha khona izindluzabo emadolobheni. Bazibona bengakhululekile ngoba uhulumeni ubaphoqa ukuthi bahlale emijondolo ebizwa ngokuthi wolindela.
Bathi kabakhululekile ngoba abakwazi ukwakha imiphakathi ezimele ekwazi ukuzenzela yonke into ngenxa yokuthi kabanawo umhlaba, izindlu kanti nodlame ludla lubi.
Bathi ukudla kusaphethwe wongxiwankulu okuthi uma bezama ukubalwisa babahlukumeze. Bathi kabakhululekile ngoba umnotho usaphethwe yizicebi ezisaqhubeka nokuceba nokuhlukumeza abampofu.
Bathi akukho ukukhululeka uma abesifazane nabathandana nabobulili obufanayo besahlukunyezwa.
Bathe inkululeko ayikho eNingizimu Afrika kubulawa abantu abanesibindi okubalwa kubo oBabita Deokoran, Tebogo Mkhonza, Nokuthula Mabaso,Thuli Ndlovu nabanye.
Baphethe ngokuthi kungenxa yalezi zizathu bebona kungcono ukugubha usuku lokungakhululeki.