ABASOLWA ababili abanukeka ekufeni komrepha u-AKA, ababhajwe eSwatini bafuna idokodo lecala ukuze bathathe isinqumo ngesicelo sokubuyiselwa kwabo kuleli. Iphephandaba laseSwatini iTimes of Swaziland libike kabanzi ngalolu daba.
U-Kiernan ‘AKA’ Forbes, wadutshulwa wabulawa nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane, eThekwini nyankenye. Bobabili bathelekelwa amadoda abavithiza ngenhlamvu baphelela khona lapho bephuma endaweni yokudlela i-Wish on Florida esiyavalwa.
Ummeli wababhajwe eSwatini, uMnuz Sivesonke Ngwenya nguye oveze ukuthi amakhasimede akhe afuna ukubona idokodo lecala ngaphambi kokuthi baphendule.
Ababhajwe eSwatini wuMnuz Siyabonga Gezani Ndimande obuye abizwe ngoNxele noMnuz Malusi Dave Ndimande okuthiwa abandawonye. Bayisikhombisa sebebonke abasolwa abakhonjwa wuMbuso ukuthi bamkakisa okwenyamazane bamjuqa umrepha.
Ngokuvamile amaphoyisa awalidedeli idikodo lecala ngaphambi kwesigaba lapho sekulungiselelwa ukuqulwa kwecala sebehlangene nabameli.
Izinsizwa zakwaNdimande sezivele izikhawu eNkantolo yeMantshi kwaManzini kulandela ukuboshwa kwazo eZone 4 eMbabane, eSwatini.
Abalisa abahlanu bahamba icala kuleli kanti laba ababili bakwaNdimande baseSwatini kuzanywa ukuthi babuyiswe. Sesathunyelwa isicelo sokuthi babuyiswe, kodwa kuthe sekufanele baphendule base befuna idokodo lecala.
Kuvela ukuthi bathe abakwazi ukuphendula isicelo sokubuyiswa kwabo bengakaboni ukuthi amaphoyisa agugusheka nani edokodweni lawo okubayamanisa necala. Babeka nokuthi azikho izikhali ezatholwa kubona ezibayamanisa nokufa kuka-AKA.
Ummeli uNgwenya uthe amakhasimede abo ezwa kuthiwa abekwe uxhaxha lwamacala yingakho efuna idokodo lecala.
“ Njengoba sisho sicela imininingwane ethe thuthu ngoba kuthiwa kunamacala okubulala, awokuzama ukubulala, ukutholakala nesibhamu ekubeni singatholwanga ngesikhathi beboshwa eSwatini,’’ kusho uNgwenya.
Kwenzeka konke lokhu nje abalisa bakwaNdimande kulindeleke ukuthi babuyele eNkantolo yeMantshi kwaManzini ngoMeyi 14 kuzoqhutshekwa nodaba lwabo.
Ababoshelwe kuleli kulindeleke ukuthi babuyele eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoMeyi 15 lapho kuzophuma khona isinqumo ngesicelo sabo sebheyili.