ULIBOFUZO olwenziwa ngamaphoyisa esigqokweni okuthiwa sasigqokwe oyedwa wabasolwa endaweni yesigameko lapho kwadutshulwa khona uSenzo Meyiwa wafa, luyabaphika abasolwa abangaphambi kwenkantolo kuleli cala.
Lokhu kuvezwe ngufakazi woMbuso izolo, uCaptain Mmampshedi Masetla, ongungcweti wezolibofuzo emaphoyiseni.
UMasetla oqale walandisa inkantolo ngokuthi lucwaningwa kanjani ulibofuzo uthe: “Isigqoko esiyisikotshi, imiphumela yolibofuzo lwaso iyabakhipha bonke abasolwa.”
Uqhubeke nokucacisa ukuthi ukhona nombiko aze wawubhala ngaso lesi sigqoko ngesikhathi ebuzwa umshushisi woMbuso, u-Advocate George Baloyi ukuthi yini ayenza emva kokuthola ukuthi ulibofuzo lwesigqoko alubayamanisi abasolwa nendawo yesigameko.
Eqhubeka nokwendlala ubufakazi bakhe uMasetla, uthe nezinduku ezisetshenziswa umuntu olimele, ezazisetshenziswa umngani kaMeyiwa uMnuz Tumelo Madlala ngosuku lwesigameko, akutholakalanga libofuzo kuzona.
Lezi zinduku, yilezo abanye ofakazi phambilini abaveza ukuthi kwashaywa ngazo abasolwa. Phakathi kwalabo fakazi kukhona uZandi Khumalo, uye uMadlala nomunye umngani kaMeyiwa, uMnuz Mthokozisi Thwala.
UMasetla uqhube wathi kwababesendlini ngosuku lwesigameko, bathathu kuphela abayamaniswa nolibofuzo olwathathwa kule ndawo yesigameko.
Kulona, olukanina kaKelly Khumalo, uNksz Gladness Ntombi Khumalo okuthiwa lwalusesibambweni somnyango wasendlini encane.
Kuphinde kube olukaZandi Khumalo okuthiwa lwalusekanini leSmirnoff (Guarana) okuthiwa yayeyiphuza.
Ebese kuba olwamachaphazelo egazi ayesezingxenyeni ezehlukene zendlu okuthiwa lwamesha naye uMeyiwa. Ulibofuzo lukaMeyiwa lubuye lwavela nasekanini leHeineken okuthiwa wayephuza kulo.
Abanye ababesendlini okungoKelly Khumalo, Longwe Thwala, Mthoko Thwala, Tumelo Madlala, akukho lapho okuvela khona olwabo ulibofuzo.
UMasetla ubuye waveza ukuthi umsolwa wokuqala uMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, umsolwa wesine uMnuz Mthokoziseni Maphisa nomsolwa wesihlanu, uMnuz Fisokuhle Ntuli, kabahlangani nawo wonke amasampula olibofuzo.
Lo fakazi uzoqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe namuhla.