INDLUNKULU kaZulu iphawula ngodaba oluwundabamlonyeni ezinkundleni zokuxhumana lapho kusolwa uNdlunkulu weSilo esisesihlalweni, uKaMayisela ngokukweleta.
Okhulumela iSilo uMisuzulu, uMntwana u-Africa, uthe sebelubonile lolu daba kodwa alubekiwe ngendlela okuyiyona.
Ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa uNdlunkulu uKaMayisela ukweleta imiqhele emithathu ebiza uR7 500, isinene nenjobo okuthathu kwenani likaR14 400. Sekukonke kwenza uR21 900. Ngokombhalo osezinkundleni zeFacebook kuthiwa imvunulo yakweletwa nguMntwana uNtandoyeningi Zulu, wathi idingwa uNdlunkulu uKaMayisela. Ngesikhathi eyithatha kuthiwa wayethembise umnikazi wemvunulo ukuthi imali uzoyithola ekupheleni kuka-Agasti nyakenye kodwa ayizange ikhokhwe.
Imizamo yokuthi kutholwe le mali kuthiwa nayo ayiphumelelanga. Kuthiwa kwaze kwaxhunyanwa noNdlunkulu ngoba kwakuthiwe ngeyakhe imvunulo, okuthiwa wavuma ukuthi uzoyikhokhela. Kuthiwa indaba yonakale uma sekuvezwa inani likaR21 900, okuyinto eyajikisa uNdlunkulu ukuthi angabe esayikhokha ngoba wayezitshela ukuthi ukweleta uR7 500.
UMntwana u-Africa, uthe empeleni kayikho imvunulo eyayithengwe nguNdlunkulu uKaMayisela.
“UNdlunkulu waphiwa izinjobo ezintathu ezalethwa nguMntwana uNtandoyeningi njengesipho kuyena. Wathuka woma uma sekuvela abantu abathi kumele azikhokhele. Wavuma ukuthi uzozikhokhela ngoba engafuni ukungcolisa igama lakhe. Wayazi ukuthi inani lazo uR7 500 kuphela. Uma sekuthiwa akakhokhe uR21 900 kwamthusa lokho ngoba kwavezwa nezinye izinto okuthiwa wazithola ekubeni zingafikanga kuyena. Yikhona lokhu okudale ukuthi angabe esakwazi ukukhokha ngoba bekulukhuni ukukhokhela into angayitholanga,” kuchaza uMntwana u-Africa.
Uqhube wathi yize kuyinto angavumelene ngayo neNdlunkulu ngayo ukukhokhelwa kwemvunulo, uthe abanikazi bayo ucela baxhumane naye uzoyikhokhela yena ngemali yakhe. Uthe lokho ukwenza ngoba ezwelana nomdayisi wemvunulo nokuvikela isithunzi sikaNdlunkulu nesihlalo sikaZulu. Uthe nalaba abadicilela phansi isithunzi sikaNdlunkulu kuFacebook bazobathathela izinyathelo.
Uveze ukuthi sebeyazi nokuthi kunomkhankaso wokudicilela phansi isithunzi sikaNdlunkulu uKaMayisela nesihlalo sikaZulu.