SEKUZOPHELA ukuba umphakathi waseMpolweni uhambe amabanga amade uma befuna ukwelashwa njengoba sebakhelwa umtholampilo wabo osezingeni elicokeme. UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo, eKZN, uNkk Nomagugu Simelane, umemezele lokhu ngesikhathi kuzokwethulwa umakhi ehholo lomphakathi waseMpolweni. UNkk Simelane uthe lomtholampilo uzodla isamba sikaR70 million.
"Ngonyaka owedlule sathi kulo nyaka sizokwakha imitholampilo engu-11. Omunye wale mithompilo ka-11 yilo esiwakha namhlanje eMpolweni. Sathatha isinqumo sokuthi ngeke siphendule isoyi kuphela. Sizohlaba ifosholo maqede ojutshulwe ukwakha, aqale namhlanje ukwakha." UNkk Simelane kulo mtholampilo kuzoqashwa abantu ebebengasebenzi abaphakathi kuka-20 no-25 futhi uzosetshenziswa ngamalungu omphakathi abalelwa ku-50 000, okubalwa nabahlala ku-ward 1 no-ward 12.
"Ngiyafisa ukuthi njengoba lomtholampilo uzokwakhiwa, ngiyacela niwuvikele."
UNgqongqoshe uthe phakathi kwezinto ezizotholakala kulo mtholampilo kubalwa igumbi lokweluleka ngokwengqondo, amahhovisi, igumbi eligcina imishanguzo, i-dispensary, izindawo zokulala abahlengikazi ne-generator ezolekelela kakhulu uma sekubuye i-loadshedding."
Uthe lo mtholampilo uzosebenza zonke izinsuku, kusukela ngoMsombuluko kuze kushaye omunye. "Siyafisa usebenze amahora awu-24 kodwa awukwazi ngoba asikwazi ukuba nemali yokuqasha abantu abazosebenza lamahora." Uthe uma kukhona umuntu olimalayo ngezithuba zabo-6.30 ebusuku, abantu bengaya emtholampilo ngoba kuzobe kunomhlengikazi ozobe elala ekhaya eliseduze ngoba elindele ukunikezela ngosizo oluphuthumayo.
Imeya yakuMasipala waseMshwathi, uMnuz Mandla Zondi, ikushayele elikhulu ihlombe lokhu kwakhiwa komtholampilo. Uthe abantu bakule ndawo bebehlukumezeka kakhulu ngoba bekufanele bahambe amabanga amade. Lo mcimbi bewuhanjelwe yiNkosi yaseMathulini, oZwathini, uMhlabunzima "Zondamasiniya" Mthuli.