ABAFOWABO beSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, bathi abawubusisi umcimbi wokudluliselwa kwesitifiketi sobukhosi kwiSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Abantwana abazalwa yiSilo sakwaKhethomthandayo, uCyprian Bhekuzulu kaSolomon, bathi abahambisani nalo mcimbi ozokuba senkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida, kusasa.
OMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, uVulindlela kaBhekuzulu noMathubesizwe kaBhekuzulu, bathe bona abaziswanga ngalo mcimbi.
Bakusho lokhu ngesikhathi bekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, lapho bephinde bakucacisa ukuthi abakwamukeli ukuqokwa kweSilo.
Abantwana bathe umcimbi wohlobo olunje kufanele uthole isibusiso kubona njengabafowabo beSilo esesakhothama.
Bathe ngeke balubhade emcimbini wakusasa.
UMntwana uVulindlela uthe akekho umuntu oseke wabazisa bona njengabafowabo bakaMdlokombane ngezinhlelo zomcimbi wakusasa.
“Siyezwa kuthiwa kubhekwe enkundleni yezemidlalo, abanye ongqongqoshe benhlangano ephethe izwe bahlela umcimbi wokudluliselwa kwesitifiketi. Bona labo ngqongqoshe babekade bethe bona abafuni ukungena izindaba zasendlunkulu. Kodwa manje sekuyibo phambili. Thina asazi lutho.
“Kungani umsebenzi wokudluliselwa kwesitifiketi seSilo uyiswa enkundleni yezemidlalo ekubeni zikhona izigodlo? Asigxeki uhulumeni ngoba bakhuluma nabathile. Thina asitshelwa lutho. Kukhulunywa nabantu bangaphandle. Bagqamisa ukuthi thina asimfuni (iSilo). Angazi ukuthi asiyifuni kanjani ingane yethu.”
Uthe abakwamukeli ukuqokwa kweSilo.
“Kunzima ukuthi ngingabiza uMisuzulu ngeSilo ngoba asikaze simphakamise.”
UMntwana uMbonisi uthe basamile ekutheni akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuqokwa iSilo.
“Sinxuse kaningi kuhulumeni osiholayo ukuthi asinikeze ithuba sizochaza udaba lwasendlunkulu. Asizange silithole ithuba lokuyochaza kumengameli ngodaba lwesihlalo. Lokhu sikubona kuwukucindezeleka ukuthi siwumndeni singalitholi ithuba lokuphakamisa ozongena esihlalweni sobukhosi. Akusiso isibusiso ukuthi thina sincishwe ithuba njengabasendlunkulu.”
Uthe basazimisele ngokuthi kube nobumbano endlunkulu wathi ikhona imizamo yokubuyisana eqhubekayo, kepha wathi njengamanje ayikatheli zithelo.
“Imizamo isibe khona. Ngizobala imizamo yabefundisi abafisa ukuthi kube nokubuyisana. Kunendlu kubantwana bakaMdlokombane okusenzima kuyo ukuthi ibuyisane nathi. Thina siyafisa ukuthi sibuyisane. Naye uMisuzulu simyamdinga ukuthi abuye. Siyafisa ukuthi abe khona uma sixoxa udaba lwesihlalo.”
UMntwana uMathuba uthe izinto zimapeketwane njengamanje njengoba ethe iSilo nabantwana basesigodlweni kwaKhangelamankengane abakwazi ngisho ukuya kwezinye izigodlo.