BAFUNA ukuzibizela owabo ungoti wezokuhlolwa kwezibhamu abammeli babamangalelwa kwelokubulawa kukalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Lokhu kuvezwe u-Advocate Sipho Ramasepele, ongummeli kammangalelwa wokuqala, uMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, izolo.
URamasepele wenze lezi zethulo emva kokuthi umshushisi woMbuso u-Advocate George Baloyi esonge imibuzo embalwa abenayo ngofakazi obesebhokisini, uLieutenant Colonel Chris Mangena.
UMangena oqale ukwethula ubufakazi bakhe ngoLwesithathu, ungungoti wezokuhlolwa kwezibhamu namagobolondo ezinhlamvu izigamekweni ezehlukene.
Okumlethe eNkantolo eNkulu yasePitoli ukuthi azokwethula ubufakazi ngakuthola emva kokujutshwa ukuthi acubungule ubufakazi besibhamu okuthiwa sadubula uMeyiwa kanjalo namagobolondo ezinhlamvu amabili okuthiwa atholwa ngamaphoyisa endaweni yesigameko.
URamasepele uthe kukhona ungoti, uMnuz Chris de Klerk, abafuna azolekelela ngobufakazi bokuhlolwa kwezibhamu.
“Ungithumele umyalezo izolo ebusuku (esho ngoLwesithathu) engazisa ukuthi ngeke akwazi ukuza masinyane ngoba use-Uganda ukuyoqeqesha amaphoyisa. Uthe uzobuya kuleli ngoSepthemba 6. Uyobe esexhumana nathi ngempelasonto yangoSepthemba 9,” kusho uRamasepele.
Ubuye waveza ukuthi u-De Klerk ubuye wamtshela ukuthi kukhona elinye icala okufanele ayofakaza kulo eNkantolo eNkulu yase-Eastern Cape elizomthatha izinsuku eziyishumi.
“Ubuye waveza nokuthi emva kwalokho, kukhona icala okufanele ayofakaza kulo eThekwini nokuzothatha izinsuku ezintathu. Uthe angakwazi ukuba khona, ngosuku oluthile kuwo uSepthemba yize esenezinto eziningi ahlela ukuzenza kulesi sigaba esisele sika-2023,” kuqhubeka uRamasepele nokuchaza.
Uthe izolo ekuseni bathole i-email evela ku-Advocate Zandile Mshololo ongummeli kamsolwa wesihlanu, uMnuz Fisokuhle Ntuli, esho ukuthi ukhona omunye ungoti ozimisele ngokubasiza.
“Asikaxoxi naye kodwa sifinyelele esivumelwaneni sokuthi sihlangane naye, sixoxe kwenzele ukuthi uma uDe Klerk egcina engatholakali, sikwazi ukuthatha yena ukuqinisekisa ukuthi asimoshi isikhathi eside ngalolu daba,” kusho uRamasepele.
Ngaphambi kokuba iJaji uRatha Mokgoatlheng aguqise inkantolo, uthe isizathu sokuthi avumele lokhu ukuthi kufanele aqinisekise ukuthi abasolwa bangancishwa ubulungiswa.
“Sizokumisa ukuphoswa kwakho (ebhekise kufakazi) ngemibuzo okwamanje ngenxa yaleso sizathu esizwakalayo,” kusho uMokgoatlheng.
UBaloyi uveze ukuthi uzoqhubeka namuhla nabanye ofakazi abakulungele ukwethula ubufakazi ngesikhathi kusalindwe ungoti wabameli.