KUYANCIPHA ukukhala ngokungameleleki kwezomthetho kubantu baseNingizimu Afrika njengoba iLegal Aid South Africa (Legal Aid SA) isizomela nabahola imali efika kuR8 200.
Kuleli sonto iLegal Aid SA imemezele ukuthi kusukela ngo-1 Ephreli 2023 isizomela abangasebenzi nalabo abahola imali engadluli kuR8 200.
Iningi labantu eNingizimu Afrika lazi ukuthi iLegal Aid SA imela abangasebenzi nabampofu kodwa izolo ithe izomela nabahola kancane.
Abahola baze bafike kuR8 200 bazokwazi ukumelwa emacaleni obugebengu nalawo angathinti udlame.
Emacaleni angenalo udlame, okungaba yilawo athinta imali noma namanye abasuke befuna usizo lommeli kuwo, kufanele bangaholi imali edlula kuR9 000.
Uma umuntu enempahla ethuthekayo, kufanele ingadluli uR151 700 kanti uma enempahla engathutheki, akufanele idlule kuR711 700.
Izingane zizoqhubeka zimelwe ngabameli beLegal Aid SA uma kuyicala lobugebengu futhi aziphoqelekile ukuba zihlolwe ukuthi zinawo yini amandla okuthatha ummeli.
Uma kuyicala lokubophana kwabangaboni ngaso linye, okubalwa nathinta imali, kufanele umndeni wengane uphase ucwaningo lokuthi awunawo amandla okuthola ummeli.
ILegal Aid SA ithembise ukuthi izolokhu izama imizamo yokuqinisekisa ukuthi abantu bayaluthola usizo lomthetho ngaphandle kokukhokha.
Abadinga usizo lweLegal Aid SA bangayithinta ku-www.legal-aid.co.za noma bashayele u-0800 110 110.