SELIBUYELE enkantolo eNkulu ePitoli icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa. Namuhla kuvele omunye ummeli omusha u-Adv. Charles Mnisi. UMnisi umele umsolwa wesithathu uMthobisi Prince Ncube.
Lo mmeli utshele inkantolo ukuthi ucela imsize ngokubuyisa ofakazi ababili asebevelile uSgt Thabo Mosia noSgt Mlungisi Mthethwa ngoba kunobufakazi ababethulela inkantolo abacela ukuthi bacaciseleke ngabo. Uthi lokhu ukucela ngemuva kokubonisana nammele, ubona ukuthi kukhona okungaqondakali abadinga ukucaciseleka kokhona.
Uthi uzocela ukuthi kuphindwe kubizwe nephoyisa okwavela ebufakazini bukaMthethwa ukuthi yilona elalithatha izithombe endaweni yesigameko. Uthi yize kwavela ukuthi kwaba nesivumelwano nommeli waphambilini ukuthi lelo phoyisa lingabizwa kodwa ngokuvumelana nomsolwa wesithathu babona kubalulekile ukuthi kalibizwe.
Abanye abameli abafikile enkantolo namuhla ngu-Adv Nxumalo omele umsolwa wesine, Akukacaci kahle noma u-Adv Ramosepele usamele umsolwa wokuqala nowesibili na ngoba waqhamuka ngemuva kokuhoxa kuka-Adv Teffo Malesela. U-Adv Mshololo usekhona njengomele umsolwa wesihlanu kodwa okuvelayo wukuthi u-Adv TT Thobane usehoxile ecaleni.
Ngemuva kwekhefu lihlabele-mgama icala njengoba kubizwe ufakazi omusha ogama lakhe nguMthokozisi Thwala okuthiwa ngumngani kamufi uSenzo Meyiwa futhi wayekhona endaweni yesehlo.
UThwala oyindodana kaThemba Robert Tizzah Thwala owayengumdlali odumile waMaZulu neLamontville Golden Arrows’ Uthi wafika eGoli efikela emzini kayise eKathlehong kodwa isizathu esikhulu esamsusa eThekwini wukuthi uSenzo wayemcele ukuthi amphathele iselula yakhe ayeyikhohlwe ekhaya. Uthi lokhu kwenzeka ngomhla ka-23 Septhemba 2014.