ABAHOLI bamaqembu ahlukene ezombusazwe KwaZulu-Natal, sebekhale ngokungabekezelelani njengoba kubhekwe okhethweni kulandela ukuhlusulwa kwezingqwembe zamaqembu abo, ukusatshiswa nokuhlukunyezwa kwamavolontiya asuke ezokhankasa.
Laba baholi banxuse ozakwabo ukuthi bashumayeze ivangeli lokubekezelelana nokuthula.
Bakusho lokhu ngesikhathi kunomcimbi obuhlelwe yikhomishini yezokhetho wokusayinwa kwesibophezelo sokuthi ukhetho luzoba nokuthula eThekwini izolo.
Umholi we-ActionSA uMnuz Zwakele Mncwango, ukhale ngokuthi ziyahlusulwa izingqwembe zabo kwezinye izindawo esifundazweni.
Uthe kumele abaholi bashumayeze ivangeli lokuthula kumalungu abo.
Ubuye wakhala nangamaqembu asebenzisa imicimbi kahulumeni okubalwa eyokuthulwa kwesabelomali ukukhankasela ukhetho.
Usihlalo we-ANC uMnuz Sboniso Duma, unxuse ukuthi kube nobumbano ngalesi sikhathi sokhetho.
Uncome abaholi bamaqembu ahlukene ngokutshengisa ubumbano.
Kuthe esakhuluma kwabakhona abafunae ukuthi ashenxe enkundleni kwathi uma eqhubeka nokukhuluma babanga umsindo.
UMnuz Mongezi Twala we-EFF, uthe bawatshelile amalungu abo izinto okumele azenze nokungamele azenze okhethweni.
“Siwatshelile amalungu ethu ukuthi uma ephula imigomo ngeke sinanaze ukuthatha izinyathelo. Siyakhala futhi sinxusa ikhomishini yezokhetho ukuthi iyeke ukuqasha othisha beSadtu ukwengamela ukhetho.”
UMnuz Nhlanhla Ngidi weqembu Umkhonto weSizwe, naye uhambe emazwini ozakwabo wathi bayasihlonipha isibopho sokuthi kube nokuthula nokubekezelelana okhethweni.
Uthe amalungu abo azophambana nalo mgomo bazowathathela izinyathelo.
Usho lokhu nje amanye amalungu aleli qembu aseke asabisa ngokuthi ngeke lubekhona ukhetho uma ongumholi waleli qembu uJacob Zuma, engekho ephepheni lokuvota.
UMnuz Thami Ntuli we-IFP, uthe wethemba ukuthi ngeke kube nezindawo ezingo-alubhadwa esifundazweni njengoba kuyiwa okhethweni.
Uthe ukhetho kumele lube nokuthula nolukhululekile kungabikhona abazosatshiswa.
Iqembu i-Apemo likhale ngokuhlusulwa kwezingqwembe zalo eDumbe.
Ne-NFP ikhale esifanayo ngokuthi baningi abaholi bayo abafa ngenxa yokungabekezelelani.
Leli qembu lithe kunezindawo eziphenduka o-alubhadwa amalungu alo lapho esatshiswa khona.
Liveze ukuthi kwezinye izindawo amalungu alo alunyiswa ngezinja uma ezokhankasa, kokunye asatshiswe ngokuthelwa induku.
Libuye laveza nokuthi kuMasipala i-Alfred Duma, kukhishwa izingqwembe zeqembu.
Umholi we-ABC uMnuz Philani Mavundla, ukhale ngokuthi isibopho sibhalwe ngesiNgisi kuphela ekubeni yena ubefuna esibhalwe ngolimi lwakhe isiZulu.