ZIQALILE izigcawu zeSouth African Human Rights Commission (SAHR) zokulalelwa kodaba lokugundiswa ngenkani kwabafundi benkolo yamaNazaretha ezikoleni zaKwaZulu-Natal.
Sikhulu isikhalo ngezikole zesifundazwe, okuthiwa ziphoqa abafundi ukuthi baphambane nenkolo yabo basuse izihluthu emakhanda.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal sinenqwaba yamalungu enkolo yobuNazaretha, enomyalelo wokuthi abakhonza khona akufanele bagunde izinwele.
Ezikoleni kunabafundi abangamalungu aleli bandla elidume ngelakwaShembe. Sekunezigameko lapho abafundi bekhala ngokuthi bayajikiswa ezikoleni kuthiwa mabagunde amakhanda.
Kunezikole okuthiwa zikhipha izincwadi zinqumela abafundi ugwayi katiki, ukuthi bagunde izihluthu noma ngabe bechaza ukuthi bangamalungu ebandla lamaNazaretha.
Isikhalo samaNazaretha kusuke kuwukuthi kubonakala sengathi kunokucwaswa ngokwenkolo ekubeni uMthethosisekelo uvumela abantu ukuthi bakhethe noma yiyiphi inkolo abahambisana nayo.
Imenenja yeSAHRC eKZN, uNksz Pavershree Padayachee ithe sebevele baqalile ukusebenza lolu daba.
“Izigcawu sezivele ziqalile ngoMashi 23 emahhovsi ethu eThekwini,’’ kusho uNksz Padayachee. Kuvele ukuthi izithangami zididiyele izinhlaka ezehlukene ezithintekayo ezinxuswe wukuthi zisondele zibeke imibono yazo.
Abezinhlangano zenkolo, wuMnyango wezeMfundo eKZN nomphakathi banikwa ithuba lokuthi babeke imibono yabo ukuze kutholakale isisombululo salolu daba.
Akukhona okokuqala lolu daba lubekwa ezithebeni zabeSAHRC kodwa seluke lwavela phambilini, kwangathi kuyalunga kodwa kubonakala sengathi inkinga iyaqhubeka.
Kwenzeka lokhu nje izwe livele liya ngasemaphethelweni enyanga yamalungelo abantu uMashi futhi kade kugujwa uSuku lwamaLungelo ezinsukwini ezedlule.