INHLANGANO emele osomabhizinisi i-Busness of South Africa (Busa), ithi ikhathazekile ngokugunyazwa kukakhukhulelangoqo wesiteleka sabasebenzi kuzwelonke esiholwa umfelandawonye wezinyunyana i-Congress of South African Trade Unions, okulindeleke ukuthi sibe namhlanje.
Le nhlangano ithi lesi sitelekeka kunokuba silungise, sizoqhubezela kakhulu umonakalo emnothweni wakuleli ovele untengantenga. Isikhulu esiphezulu sale nhlangano, uMnuz Cas Coovadia, esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uthe yinkulu ingcindezi ezodalwa yisiteleka.
“Akukho okuzokwenziwa yisona ukulekelela ekugcineni isimo somnotho singcono. Iziteleka ezinjengalesi zinqinda imizamo yokukhulisa umnotho nokubhekana nesimo sokuntuleka kwamathuba emisebenzi. Sidinga izinto ezizolekelela ekuqinisekiseni ukuzinza komnotho ngalesi sikhathi, kunezizolimaza amabhizinisi,” usho kanje
Le nhlangano ithi iyalihlonipha ilungelo labasebenzi lokuteleka kodwa bakholwa ukuthi izinto eziphakanyiswa i-Cosatu kumele zenziwe kulandelwa imigudu efanele kuxoxwe nezinhlaka ezithintekayo.
UNobhala weCosatu KwaZulu-Natal, uMnuz Edwin Mkhize, engxoxweni neSolezwe, uveze ukuthi akekho umsebenzi ozothathelwa izinyathelo wumqashi ngokuzibandakanya kulesi siteleka njengoba sivikelwe wumthetho wezabasebenzi kwisigaba 77 soMthethosisekelo.
“Sinxusa bonke abasebenzi ukuthi babambe iqhaza kulesi siteleka, baphume ngezinkani. Labo abangeke bekwazi ukufinyelela eThekwini, bengesabi ukuqhinqa nje ngaphandle kwezindawo abasebenzela kuzo, noma bengalubhadi emsebenzini, bazihlalele emakhaya begodle amandla,” usho kanje.
Nakuba i-Cosatu iqinisekisa ukuba semthethweni kwesiteleka sanamhlanje ngokwesigaba salo mthetho kodwa i-Busa ithe sekuyisikhathi sokuthi lo mthetho ubhekisiswe kwazise ikholwa ukuthi izinyunyana ziwusebenzisa ngendlela elimaza amabhizinisi.
Phakathi kwezinto uMkhize aveze ukuthi abasebenzi bazozwakalisa ilaka labo kuzo, yisimo sezomnotho okubukeka sicindezela kakhulu abantu abahluphekayo, wudaba lokwenyuswa kwamaholo ikakhulu kubasebenzi bakahulumeni okuvela ukuthi umqashi usalokhu emile ekuwenyuseni ngo-3% kuphela. Le nyunyana ikhala nangohlelo lokudilizwa kwabasebenzi ngokwesigatshana somthetho u-189, eveza ukuthi abaqashi sebesebenza le ndlela ngenhloso yokuzenzela nje inzuzo noma ukujezisa abasebenzi uma kukhona lapho abaveze ukungeneliseki kwabo.
Udaba lomthetho othinta ukwenyulwa kwemali ezimpeshenini zabasebenzi aluzosala ngaphandle njengoba le nyunyana iveza ukuthi nakuba ihambisana nalokhu kwazise kwakuyisiphakamiso sayo kodwa kuningi okwengeziwe kulo mthetho ngakho bafisa luphinde luyobuyekezwa.
Lezi ziteleka kulindeleke izibe kuzona zonke izifundazwe kanti KwaZulu-Natal imashi izoqala epaki e-King Dinuzulu iphelele e-City Hall, eThekwini.