ABALIMI abasafufusa baseMfolozi, KwaZulu-Natal bethulwe umthwalo njengoba behlomule ngezinsiza zokuvikela imikhiqizo yabo efukula umnotho wendawo.
Laba balimi abangaphansi kwenhlangano, i-Ox Mike Farming, basebenzela ezindaweni zasemakhaya ezakhele uMasipala, uMfolozi ngaphansi kwesiFunda iKing Cetshwayo.
NgoLwesihlanu lezi zinsizwa ezintathu, okungoMnuz Mnqobi Lulama, Mnuz Zenzo Nxumalo noMnuz Vela Zibane, zihlomule ngocingo lokubiya, imbewu namageja nemishini eyenza kubelula ukutshala ngokushesha.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi iMeya yaseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu, yethula uhlelo lokusiza intsha kwezolimo olubizwa ngokuthi iTshalanathi.
Lolu hlelo lwethulwe esigodini saseMalamula ku-ward 7.
Imeya ithe inhloso ukuba intsha ibuyele emhlabathini ukuzithuthukisa ngokomnotho ukuze kudalwe namathuba emisebenzi.
"Njengoba uMntwana wakwaPhindangene ehlale eshumayela ivangeli lokusebenzisa umhlabathi ukuzithuthukisa, yilokho-ke nathi esikwenzayo ukulekelela intsha yakithi ukuba ibenezingadi namasimu ukuze yenze imikhiqizo ezodayiswa nasemazweni angaphandle," kuchaza uBhengu.
Uthe lolu hlelo bazolwethula kuwona wonke amawadi abanawo ukuze kwande imikhiqizo efaka imali emphakathini.
ULulama, wenhlangano i-Ox Mike Farming ehlomulile, uthe baqale lo msebenzi ngo-2019 nokuthe emva kwalokho abangabe besabheka emuva.
"Inselelo ekhona ukuthi abantu abasha abaningi abakufuni ukungcola. Ngakho bagcina benqena ukungena kulo mkhakha ngoba bewubona ufukuzisana futhi nesikhathi sokuswenka singekho. Kumanje thina njengoba saqala sobathathu, sikhiqizela ama-supermarket amakhulu kodwa nomphakathi siyawudayisela," kuchaza uLamula.
Kulezi zinsiza abahlomule ngazo, kukhona imishini yokutshala imbewu eyenza ukuthi umuntu kumthathe imizuzu engu-20 ukutshala indawo engu-100 metres esikhundleni sehora abalithatha uma bevukuza umhlabathi ngezandla.