UMENGAMELI Cyril Ramaphosa umemezele ukuthi umhla ka-27 Disemba okunguLwesibili uzoba yiholidi.
Lokhu ukwenza ngoba iholidi likaKhisimusi lingeSonto. Umthetho olawula amaholidi omphakathi uvumela ukuthi uma iholidi lingeSonto lingawelela eMsombulukweni.
Kulokhu, uKhisimusi ungeSonto iholidi lawo alikwazi ukuwela eMsombulukweni ngoba nangomhla ka-26 yiholidi yingakho umengameli ekhethe noLwesibili.
Abantu abaningi abasithakaselanga lesi simemezelo, beveza ukuthi amabhizinisi amaningi azobe evaliwe ngaleso sikhathi, kanti abasebenza ezinkampanini ezifana nezitolo, alizukubasiza leli holidi ngoba bazobe besebenza.
U-Nhlanhla Mfeka uthe: Thina asinandaba nalelo holidi ngoba uzama ukusivala amehlo, sikhohlwe yiPhala Phala. Akahambe nje lo baba uwuphulile umthetho akadede naye njengabanye asiyeke phansi. Asinandaba naholidi thina, kepha sikhalela izwe lethu alithengise kubelungu emini kwabha....
PS Nzo Zondi: Lo baba uzibona usewuSmakade inkosi impela. Akathinteki, uma kumele abhekane namacala akhe, udla phansi. Nango-ke manje, usephendula ikhalenda. Sekusele ajike thina abafana babe ngamantombazane, amantombazane abe ngabafana. 🤞
Luvuyo Mbanjwa: Kusukela ngomhla ka-25 Disemba kuze kube umhla ka- 5 Januwari lezo zinsuku zisuke zingamaholidi. Akasimele kancane lowo. Into okumele ayenze mhla ka-27 kumele ashenxe ukuze notshwala buzosidaka kahle.
Sweetness Pineapple Buhlebetheku Sithole: Asilincengile sibhekene nenkinga kagesi, ukudla kuyonakala yena ubhizi uyakweqa. Ngiyilindile i-video abantu bezobona imkhuba yakhe ufike asidayise adayise nezwe uma esethole amadola okusidayisa ahambe ayokweqa amehlo ngawo.