KUHLATSHWE ikhwelo kwabafundi bakwa-matric ukuthi bangapholisi maseko bafake izicelo zoxhaso esikhwameni iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS).
Lokhu kulandela ukuvulwa ngokusemthethweni kohlelo lokufaka izicelo zoxhaso lokufunda ngonyaka ozayo.
Isifundazwe iKwaZulu-Natal yisona esihamba phambili ngezicelo ezitholwe yilesi sikhwama ngesikhathi siqala ukwamukela izicelo ngoLwesihlanu.
Kuthe kushona ilanga ngoLwesihlanu bese bebalelwa ngaphezu kuka-172 000 abese befaka izicelo.
UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, unxuse abafuna uxhaso ukuthi abangawapholisi amaseko.
“Sivule lolu hlelo ukuze izitshudeni zikwazi ukusheshe zifake izicelo zokuxhaswa yi-NSFAS. Usuku lokuvala ukufaka izicelo nguDisemba 15, nonyaka kodwa izitshudeni nabafundi abangalindi kuze kube ngumzuzu wokugcina ngaphambi kokufaka izicelo.”
Uthe nabafundi abenza u-matric abaqala izivivinyo zabo, abafake izicelo manje.
“Nalabo abenza u-matric abazobhala sithi abafake izicelo zoxhaso zangonyaka ozayo bangaze balinde kuze kuphume imiphumela yabo. Silindele ukuthi kuvalwa uhlelo lokufakwa kwezicelo sibe sesithole ezibalelwa ku-800 000,” kuqhuba uDkt Nkabane.
Uthe abagcini ngokuxhasa ngemali yokufunda labo abazali babo abahola kusuka ku-R350 000 kuya phansi.
“Siboleka nemali yokufunda nalabo abazali babo abahola kusuka ku-R350 000 kuya ku-R600 000 ngonyaka. Leli qoqo laziwa nge-missing middle kanti siyazi kukhona nabanye ababalelwa ku-161 000, abafunda ngemifundaze ehlukene abangathembele kwi-NSFAS.”
Lolu hlelo lokufawa kwezicelo lwenziwe nasezikoleni eziyisishiyagalolunye kuleli. KwaZulu-Natal lwenziwe e-Edendale Technical High, eMgungundlovu.
Umlawuli we-NSFAS, uMnuz Freeman Nomvalo, uthe iKZN yisona sifundazwe esinesibalo esiphezulu esiqale safaka izicelo.
Uthe kubalulekile ukuthi izitshudeni zilethe izimfanelo ezifanele neziqondile uma zifaka izicelo.
Uqhube wathi ngeke uxhaswe uma kungukuthi awamukelwanga esikhungweni semfundo ephakeme.
Uveze ukuthi abahola isondlo sabantwana bayaxhaswa, akukho mgadagada eminingi edingeka kubona.
“Kwabafaka izicelo zoxhaso kumele bangene kwi-website ye-NSFAS, bagcwalise imininingwane bese befaka ulwazi oludingekayo. Sihlela ukuthi kuphele unyaka sibe sesibaphendulile abazoxhaswa,” kusho uNomvalo.
Uthe imininingwane okufakwe ngayo izicelo bayibheka ezinhlakeni ezifana nesikhwama esiqoqa intela iSARS, ukuthi iyahambisana.