ISAZI somnotho sithi inkinga yokunqamuka kukagesi isazoqhubeka, inqobo nje uma abaholi bepolitiki bengazimisele ukuthatha izinqumo ezizosiza umnotho wezwe nabantu baseNingizimu Afrika.
USolwazi Bonke Dumisa oyisazi somnotho nezomthetho, usho lokhu emuva kokuthi i-Eskom imemezele ukuthi ugesi usuzonqamuka ngokwesigaba sesine, emuva kokufa kwemishini yayo esiteshini iKendal.
UMnuz Sikhonathi Mantshantsha okhulumela i-Eskom, uthe eKendal kufe ibhande elithwala amalahle abaswayo uma kuphehlwa ugesi, kwabuye kwafa nomshini oshisa amalahle ukuze umlilo wenze ugesi.
Uveze ukuthi balindele ukuthi kusasa (ngoLwesine) isimo babe sebesilungisile eKendal, bakwazi nokunciphisa isigaba sokunqamuka kukagesi.
UDumisa uthe inkinga ye-Eskom yiyona eyehlise umnotho ngo-0.7% ekoteni yesibili yalo nyaka, okusho ukuthi njengoba iqhubeka umnotho uzolokhu wehlile.
“Kudingeka ukuthi abaholi abazothatha izinqumo ezinqala zokulungisa inkinga yaseEskom, bangabi nendaba nokuthi zibenza bazondwe noma zibadalela amazinyo abushelelezi kozakwabo. Kufanele balungise inkinga ye-Eskom ngoba ayiwusizi umnotho wezwe elithuthukayo njengelethu. Manje inkinga abaholi bethu bacabangela izisu zabo nemindeni yabo, bangacabangeli abantu baseNingizimu Afrika abahlukunyezwa wugesi onqamuka njalo,” kusho uDumisa.
Uthe amabhizinisi amancane ayavalwa, amakhulu asahleli ngenxa yokuthi abatshalimali basakholelwa kweminye imithetho emihle kodwa nabo abayithandi inkinga kagesi onqamukayo.
Uphethe ngokuthi ukunqamuka kukagesi kulahlekisela izimboni ngesikhathi sokwenza impahla nenzuzo okufanele ingene ngenyanga, bese lokhu kubenza bahluleke wukudala amathuba omsebenzi amasha.
Isikhulu esibhekelele ukusebenza kwe-Eskom, uMnuz Jan Oberholzer, sitshele abezindaba ukuthi ugesi usazonqamuka kuze kube wunyaka ozayo ngenxa yemishini emidala yale nkampani.
Uveze ukuthi bakhanda umshini kodwa ubuye ufe bese bephoqeleka ukunqamula ugesi.Uthe ezinyangeni eziyisithupha ezedlule basebenzise uR7.7 billion bethenga udizili osetshenziswa ukugwema ukuthi izwe libe sebumnyameni bhuqe.
Ubuye wakhala ngokuthi kabanawo amakhono afanele e-Eskom, ebala kuwo awabantu abasebenza ngemishini nawabantu abawufundele umsebenzi.
Isazi sezindaba zamandla, uMnuz Ted Blom, sigxeke izikhulu ze-Eskom sithi ziyahluleka ukulungisa isimo enkampanini.
UBlom uthe eminyakeni ewu11 edlule kwakukhalwa ngokungabi khona kwamakhono ekubeni baningi asebeqashiwe, ngakho akaqondi ukuthi kungani izikhulu zisacasha ngendaba yokungabi khona kwamakhono.
Ugqugquzele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bayisukumele indaba kagesi, ukuze uhulumeni ezoyilungisa.