UKUBA ngundlovuyaphikiswa komholi we-EFF, nokukhomba ngentshebe abaholi abafuna ezikhundleni eziphezulu kuzodala uqhekeko kuleli qembu, kwenze nabanye bashiye ubuthaphuthaphu.
Lona ngumbono wabahlaziyi bezepolitiki, abaveze ukuthi uMnuz Julius Malema, uma eqhubeka nokwenza umathanda angabacabangeli abanye, baningi abasazoshiya kuleli qembu.
Bakusho lokhu kulandela imibiko yabezindaba eveze ukuthi omunye wabaholi abangaconsi phansi kuleli qembu, uDkt Mbuyiseni Ndlozi, uvalwe ukuba athamele ingqungquthela yokukhetha ubuholi ezoba seNasrec, eGoli ngenyanga ezayo.
UNdlozi ne-EFF abakathi vu ngemibiko yokuthi lo mholi owayekhulumela leli qembu, uvaliwe.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Zakhele Ndlovu weNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe uma uMalema eqhubeka nokuba undlovukayiphikiswa, uzosala yedwa.
Uthe uzibulalela yena iqembu ngokungakwazi ukusebenzisana nabantu.
“Baningi abantu abasazoshiya kuleli qembu njengoba kwayena uMalema eke wakuveza ngenxa yendlela aphethe ngayo. Akavuthiwe ngokwepolitiki, uzithwele futhi ungundlovukayiphikiswa ufuna ukuba nguyena kuphela oshaya amaphiko. Abaholi abafana noMnuz Floyd Shivambu, bashiye kwi-EFF ngoba bebona ukuthi ngeke babe abaholi baleli qembu,” kusho uNdlovu.
UDkt Levy Ndou, ongumhlaziyi, ucashunwe kwiSABC ethi kumele kuchazelwe amalungu ukuthi kungani evaliwe uNdlozi engqungqutheleni.
Uthe baningi abasazohamba njengoba sebeqalile ukuhamba abaholi abafana noShivambu.
“Uma uvala umuntu ofana noNdlozi, kumele ube nesizathu esinqala sokuthi kungani wenze lokhu. Luzoqhubeka uqhekeko kuleli qembu uma izinto zingabekwa obala.”
Uveze ukuthi uNdlozi uyesekwa kuleli qembu emuva kokuhamba kukaShivambu.
“Unogazi ikakhulu entsheni eyeseka iqembu. Ukuvalwa ekutheni angenele umbango kwesephini likamengameli kungaba nomthelela ongemuhle,” kusho uNdou.
Ingqungquthela ye-EFF iqala ngoDisemba 13, izosongwa ngoDisemba 15.
UShivambu washiya isikhundla sokuba yiphini likamengameli kanti kukhona amagama abaholi abaphakanyiswayo ukuthi bangase babe sembangweni walesi sikhundla.
Omunye wabo uMnuz Godrich Gardee, owayengunobhala jikelele weqembu kanjalo noMnuz Marshall Dlamini, ongunobhala jikelele.