UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe awakhohlwe amaqembu afuna ukuthi kuhoxiswe uMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa njengomengameli ukuze asebenzisane nale nhlangano kuhulumeni wokubambisana.
UMbalula uthe uzwile ukuthi kunamaqembu asabise ngokuthi ngeke axoxe ne-ANC uma kungukuthi ayimhoxisi uRamaphosa.
“Abazofika nalesi siphakamiso abahambe bashone ngoba ngeke siyingene eyabo. Siyazi amaqembu azofuna izinto ezithile ukuze asebenzisane nathi, kodwa ekaRamaphosa ngeke siyenze, akayi ndawo,” kusho uMbalula ekhuluma nabezindaba esikhungweni semiphumela yokhetho eMidrand.
UMbalula uthe sebeqalile ukubamba izinguyazana ngohulumeni wokubambisana.
“Sixoxa nanoma iliphi iqembu. Sixoxa nawo wonke umuntu ngoba ukhetho aluzange luhlonze ozophatha uhulumeni ngayedwana. I-ANC ne-DA amanzi namafutha kodwa sizoxoxa nawo wonke umuntu. Sizoxoxa naneqembu i-Freedom Front Plus,” kusho uMbalula.
Usho lokhu nje, iqembu uMkhonto weSizwe eliholwa owayengumengameli we-ANC wezwe uJacob Zuma, lithe lizoxoxa ne-ANC uma isusa uRamaphosa.
UMbalula uthe abazange bamthathe kancane uZuma ngoba bebazi ukuthi uyesekwa KwaZulu-Natal, eGauteng naseMpumalanga.
I-MK ithole ukwesekwa okukhulu eKZN yadlula i-ANC, kanti ilandelwa yi-IFP.
UMbalula uthe bazoxoxa naneMK, wathi kodwa banazo ezinye izinto abangazenza.
“Singaba iqembu eliphikisayo ngokusemthethweni, noma sibambisane namanye amaqembu. Asibhekile kuphela ukuthi sibe kuhulumeni.”
Uthe ngoMsombuluko, kuzohlangana abaholi abaphezulu benhlangano babhunge ngomkhombandlela.
“Kuzobuye kuhlangane nekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke kwenhlangano. NgoLwesibili, kuzohlala umhlangano wesigungu esiphezulu okuyiso esizonquma ngokumele kwenzeke. Sizobuyela kwabezindaba sizobatshela ukuthi sihamba nobani kulezi zinguyazana ngohulumeni wokubambisana,” kusho uMbalula.