Awugculisekile umphakathi waseWaterloo, eVerulam, njengoba umasipala ukhombisa ukuhudula izinyawo ekuxazululeni udaba ‘lwamathuna’ ayisikhombisa atholakale enkundleni yezemidlalo esendaweni.
Kuvela ukuthi abophiko lukaMasipala weTheku olubhekela ezamapaki namathuna bahambele le ndawo izolo bafike baba nezingxoxo ngokufanele kwenziwe ukuze kutholakale isixazululo ngala mathuna.
Lokhu kulandela ukuthi ngoLwesibili, amalungu omphakathi exoxe neSolezwe athi ngesikhathi ecenta enkundleni yezemidlalo ngeledlule, ukuze izingane zikwazi ukuyisebenzisa, azithele phezulu kwamathuna.
Ilungu lomphakathi uMnuz Tholithemba Mthiyane, lithe yize bebe nezingxoxo nomasipala abajabulile neze ngoba bayazi ukuthi kuzothatha iminyaka ukuthola isisombululo kulolu daba.
“ Njengoba kade befikile asibakalelanga isikhathi esilindele ukuthi balungise ngaso, kodwa nathi njengomphakathi sizoqhubeka sigqugquzele kodwa sizokwenza imizamo eceleni ngethemba lokuthi kuzoshesha, ukuze sibe nesiqiniseko sokuthi ngabe amathuna ngempela yini,” kuchaza uMthiyane.
Uthe okuphakamise amaphaphu kakhulu emphakathini ukuthi ngenkathi kunalezi zingxoxo amanye amalungu omphakathi adalule ukuthi kukhona amanye amathuna asanda kuwathola egcekeni.
“ Ikhehla elihlala kule ndawo liveze ukuthi kukhona amathambo elisanda kuwathola egcekeni, lokho kusenze sankema ngoba asazi ukuthi kwenzekani,” kuchaza uMthiyane.
UNkk Thandiwe Xaba (63) waseWaterloo, uthe njengoba kungakabikhona okwenziwayo bacele ukuthi amathuna abiyelwe okwamanje ukuze kungeke kubekhona ozozama ukuphazamisa ubufakazi.
“ Uma sithola ukuthi amathuna abantu ngempela kumele asuswe abekwe kwenye indawo ngoba sisaba imimoya emibi nezipoki,” kuchaza uNkk Xaba.
Uthe bazophinde bafake nesicelo sokuthi nabo bathole indawo abazoyisebenzisela ukungcwaba ngoba bayaphoqeleka ukuthi baye kude uma befuna ukuyofihla kanti kugcwele ezindaweni eziningi.
Ikhansela lakuward 106, uMnuz Johnson Chetty, lithe indaba yokuthi kukhona amathuna kule ndawo kuseyizinsolo okwamanje.
“ Ngiyezwa ukuthi umphakathi wethukile ngokubona imigodi okusolakala ukuthi amathuna abantu, kodwa ngizocela ukuthi ungabi novalo ngoba udaba seludlulele eminyangweni efanele ezoqinisekisa ukuthi ngempela ngabe kwenzekani.
“ Lolu daba luzodluliselwa nasemaphoyiseni nasophikweni olubheka ubufakazi obungashayi eceleni (forensic) ukuze kuqale kumbiwe maduzane,” kuchaza uChetty.
Uthe kungenzeka ukuthi amathuna anabanikazi bawo ababehlala kule ndawo kudala njengoba esevela manje.
Uqhube wathi okwamanje bazowabiyela ngocingo ukuze kungabikho muntu ozosondela eduze kwawo.