AMALUNGU omphakathi anetwetwe lokuthi ukubuyela kukaMengameli Cyril Ramaphosa emandleni kuyowafaka kwenkulu inhlupheko, edlula le abhekene nayo manje. I-ANC ilungiselela ingqungquthela yokukhetha ubuholi ezoba ngoDisemba nonyaka.
URamaphosa unomkhankaso wokubuyela ihlandla lesibili kwesikamengameli we-ANC, okungathi uma inqoba ukhetho ibuyela kuhulumeni abe wumengameli wezwe.
Isolezwe ngeSonto liphose umbuzo ekhasini layo kwiFacebook, ukuthi abantu babona uRamaphosa efanelwe yini wukubuyela esikhundleni ihlandla lesibili.
Abaningi bakhuze babaza bethi ababoni uRamaphosa efanelwe yihlandla lesibili. Omunye wabaphawulile, uKwanda Mbuso Mthethwa, uthe ubona inhlupheko yodwa.
“Uma eke wabuyela niyobona isimanga, siyohlupheka ngendlela eningakaze niyibone phambilini. Uzobe ezoqedela lokhu akuqalile ngehlandla lakhe lokuqala,’’ kusho uMthethwa.
UMuzi Ndlovu uthe ubona sengathi kwakufanele agudluke kudala uRamaphosa esikhundleni.
“Lowo kumele ngabe kade agudluka wehlulekile, kwakukhalwa ngoMsholozi kodwa uma uqhathanisa, kwakungcono kuphethe uZuma, akahambe,” kusho uNdlovu.
UKhayelihle Mbatha ukhale kakhulu ngesigameko sasePhala Phala, wathi siyadumaza ngoba uRamaphosa wathi ulwa nenkohlakalo.
“Lo baba akahambe usemdala, sinezinkinga eziningi ahlulekile wukuzilungisa nendaba yePhala Phala, uzenza msulwa athi ulwa nenkohlakalo kanti uyasilutha. Uma izithunywa zimbuyisela, i-ANC ayikhohlwe wukuphatha izwe,’’ kusho uMbatha.
Abanye bebekhala ngokuthi uRamaphosa wehlulekile wukuqhuba izinqumo ezathathwa engqungqutheleni edlule njengoba esefuna ihlandla lesibili. Bakhona abambalwa abathe bakholwa wukuthi kufanele abuye ngoba okuningi uzamile ukukulungisa.