KUBATSHAZWA umhlola esikoleni samabanga aphezulu esiseGreyville eThekwini, emva kokuthi abafundi abenza uGrade 10 bezitike ngocansi ekilasini ozakwabo bebashayela ihlombe abanye bebaqopha ngamaselula.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, lezi zithandani ezaziwayo, intombazane ineminyaka ewu16 isoka linewu-17. Kuthiwa uma sezizwa zikhumbulana, ziyadumelana phambi kwabafundi zishe ngocansi.
Isiwombe sakamuva kuthiwa besikuleli sonto lapho laba bafundi bevele bazitika ngocansi ekilasini ngesikhathi sekhefu. Kuvela ukuthi uma benza lokhu, kuba khona ‘onogada’ ababheka othisha, bese kuthi abantu babazungeze sakubafihla bebe bebeqopha ngamaselula.
Ngebhadi kuthiwa kulokhu indaba ifinyelele kuthisha, okuthe uma ezobheka, wazithela phezu kwalelisi simanga.
“Uma bebuzwa, umfana uthe yena unalo lonke ilungelo lokuzitika ngocansi nentombazane ngoba useyaziwa kubo kwayo futhi useyithembise nomshado,“ kuchaza umthombo.
Umthombo uthe umfana uthi uthembise isithandwa sakhe umshado ngosuku lwezithandani kulo nyaka. Omunye umthombo osebenza kulesi sikole utshele leli phephandaba ukuthi vele kukwampunz’ edlemini kulesi sikole.
“Kukhona abaqaphi kulesi sikole kodwa cishe nsuku zonke abafundi batholakala nezikhali esangweni, abanye izidakamizwa nokunye kodwa bangajeziswa,” kusho umthombo.
Uthe eyocansi, wumkhuba osuyinsakavukela nje.
“Mina nje ngazibamba kwakuyisikhathi sekhefu. Ngizihambela nje emagcekeni esikole ngibone izingane eziningi ziyisixuku. Uma ngisondela ngazibonela imihlola...kuhlekwa kungathi into eyenziwayo yinto engelutho,” kuchaza umthombo.
Mayelana nalesi sigameko sakamuva, kuthiwa phezu kokuba isikole sesazi ngokwenzekile kodwa azikho izinyathelo ezithathelwe abafundi ababili. Kuthiwa ithishanhloko uyazi kodwa kubukeka kungekho azimisele ukukwenza.
Isolezwe Ngempelasonto lizifikela mathupha kulesi sikole, lakhuluma nephini likathishanhloko, osiqinisekisile isigameko kodwa wathi beyisikole sebeluxazululile udaba ngoba bebelubona lubucayi.
“Siyisikole sinekomiti eliqondisa ubugwegwe. Sathi uma sibikelwa ngalolu daba saluthathela phezulu. Esikwenzile sibize abazali bezingane zombili, sabachazela ukuthi sekwenzekeni.
Sibe sesijezisa laba bafundi ngokuthi sibamise isikhashana bangezi esikoleni, ”kusho yena.
Njengenjwayelo, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal kawuzange utholakale ukuze uphawule ngesigameko. Izingcingo zawogcina kuthiwa ukhulumela umnyango, uMnuz Muzi Mhlambi bezingabanjwa kodwa ubebonakala kwezinye zezinkundla zokuxhumana ukuthi ukhona.
Imiyalezo athunyelelwe yona nayo akazange ayiphendule, njengenjwayelo.