INYUNYANA yabahlengikazi ixwayisa abafuna ukufundela ubuhlengikazi ukuthi baqaphele izikhungo mbumbulu ezingoqhibukhowe ezivamise ukuvumbuka ngalesi sikhathi sonyaka.
UMnuz Sibongiseni Delihlazo okhulumela iDenosa, uthe izikhungo zokuqeqesha ezingekho emthethweni, zivamise ukwanda ngalesi sikhathi sonyaka ngenxa yokuthi ziyazi ukuthi baningi abafundi abaphase u-matric abasuke befuna izikhungo abazoqhuba kuzo izifundo.
“Labo abafuna ukwenza izifundo zobunesi kuyenzeka balahlekelwe imali, ngoba baye bakhokhe kulamakolishi mbumbulu bebhalisela ukufunda,” kusho uDelihlazo.
Uthe inyunyana ifisa ukuqwashisa abafundi ngokuthi mabaqaphele bangaqali babhalise uma bengenaso isiqiniseko sokuthi amakolishi ababhalisa kuwo asemthethweni.
“Zonke izikhungo zemfundo ephakeme ezifundisa umkhakha wobuhlengikazi ezisemthethweni, umthetho uthi kumele zibhaliswe futhi zigunyazwe iSouth African Nursing Council (SANC), okuyinhlangano elawula ezobuhlengikazi,” usho kanje
Uqhube wathi zonke izikhungo eibhaliswe iSANC zibhaliwe kwi-website yayo.
“Abaphothule u-matric kumele babhekisise. Uma bengenaso isiqiniseko, bangatxhumana ne-SANC ngocingo ku-012 420 1000,” kusho uDelihlazo.