IDA ikhwele yadilika kuMengameli Cyril Ramaphosa ngokukhipha ngoshwele uMnuz Jacob Zuma, obekulindeleke ukuthi aqedele isigwebo sakhe njengoba aphuma engasiqedanga isigwebo sezinyanga ezingu-15 ebhadla ejele. UZuma wasindiswa owayenguKhomishana wamajele uMnuz Arthur Fraiser, owamkhipha ngemuva kwezinyanga ezimbili esejele, ngemuva kwalesi sinqumo sakhe wazithathela umhlalaphansi.
Umholi weDA uJohn Steenhuisen uthe uRamaphosa ukhombise ukungabi namgogodla nokungawuhloniphi emthetho waseNingizimu Afrika ngokudedela uZuma. “Isinqumo sokugcina uZuma (81)enethezekile ekhaya kucace ngokusobala ukuthi sithathwe ngobubhululu bezepolitiki,” kusho uSteenhusen.
UZuma wagwetshwa ngo-2021 ngemuva kokubekwa icala lokungawuhloniphi umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
Namhlanje bekulindelwe lesi sinqumo ebesibhekwe ngabomvu sokuthi, uZuma uyabuyela yini ejele ukuyoqedela isigwebo noma uyaphuma. Ekhipha isinqumo uMnuz Ronald Lamola onguNgqongqoshe wokuHlonyuleliswa kweziMilo uthe, umthetho owabekwa uRamaphosa uthi iziboshwa ezingayona ingozi akumele zidonse ejele isikhathi eside kwazise nawo agcwele.
UMnuz Jacob Zuma naye ungene ngaphansi kwaloshwele kaMengameli Cyril Ramaphosa. UZuma ubesekhona namhlanje ejele laseMtshezi, kusho ukuthi ubeselindele noma yini.