ISIDLO esimnandi, ikakhulu ngesikhathi samaholide, ngezinye zezinto ezenza kube mnandi ekhaya, emcimbini, emsebenzini noma ngabe isemngcwabeni uqobo. Ongoti bezokupheka bayazi ukuthi iningi labantu lisakuthola kunzima ukuhlanganisa kahle izitshulu ezehla esiphundu.
Ungoti wezokupheka, uZandi The Chef, uzocobelela ngolwazi lokupheka ngendikimba ethi Hosting, ngoDisemba 17 e-International Hotel School eseWestville ngo-9 ekuseni. Leli kilasi lizogxila kakhulu ezidlweni ezilungele ukuphekwa uma kulindelwe izivakashi emakhaya.
Ukucobelela abantu ngolwazi ngezinye zezinto uZandi akholelwa kakhulu kuzo ngoba ukudla kudlala nendima enkulu ekuhlanganiseni imindeni.
"Siyazi isikhathi sikaKhisimusi esokupha nokwakha izikhathi ezimnandi. Sizofunda kakhulu ukudeka itafula, izinhlobo zezidlo zikaKhisimusi kanjalo nokonga ukudla ngesikhathi sikaKhisimusi. Ikilasi ngilisusele ekudleni okuningi esikuthanda ngesikhathi sikaKhisimusi kusukela ku-curry, seven colours, u-custard no-jelly.
“Indlela esizokwenza ngayo eyesimanje futhi uzokwazi nokusebenzisa izithombe zakho kwi-Instagram zingene zithi khaxa," kusho uZandi.
Lo mcimbi uxhaswe ngabeHulley & Rice, Shah, Sattars Discount. Isolezwe nalo ngelinye labaxhasi kanti ngokubambisana noZandi nalezi zinkampani esezibaliwe, lizopha abafundi izipho ezahlukene.
Okuningi okuqukethwe ngale mincintiswano kuzotholakala kwiphephandaba nsuku zonke.
Ukuthola kabanzi ngaleli kilasi nokubekisa isikhala ungathumela i-email ku- [email protected]. Ungakhohlwa nokumlandela nasezinkundleni zokuxhumana lapho ezolokhu enameka khona konke.