KUYINTO ejwayelekile ukubona owesifazane osanda kubeletha esho ngenkwababa yesisu sakuba umuntu ozithwelwe. Lokhu kwenziwa ukuthi iningi labesifazane esikhathi samanje selibeletha ngomthungo nokwenza kube nzima ukulwa nomkhaba.
Owesifazane uma ekhulelwe udla izinto ezahlukene ezimenza abe nesisindo esiphindiwe kanti nesisu siyanwebeka ngenxa yokuthwala untwana izinyanga eziningi. Noma kunjalo kodwa ongoti bezokuzivocavoca bathi kuyasiza ukusukumela isisu usinciphise usanda kubeletha. Lokhu kusiza ekulweni namafutha angenasidingo emzimbeni nenyama engenza isisu sithambe sigcine sesilenga.
Ungoti wezokuzivocavoca eVirgin Active eMoses Mabhida, uNksz Nosipho Mbatha, uveza ukuthi njengoba kuthatha izinyanga eziwu-9 ukukhulelwa kanjalo nokulwa nezinkinga zesisu esikhulu kuthatha isikhathi.
UNksz Mbatha uthe yize iningi labesifazane lifuna imiphumela esheshayo futhi kuyinto enhle ukuzisukumela kodwa konke kumele kuhambe ngezigaba.
"Ukunciphisa isisu emuva kokuteta akufani nokunciphisa amafutha ajwayelekile ngoba sisuke sisebuhlungu sithunukala, umthungo nenyama ingakaqini. Zikhona izindlela ezilula ezingawugqilazi umzimba njengokuqinisa ekuzivocavoceni umzimba wonke ngezindlela zokuphefumula, ukunyakaza nokwelula umzimba," kusho yena.
Ephetha, uveze ukuthi lokhu kuyenzeka ngisho ekhaya ngosizo lukangoti ozokucobelela ngezindlela eziphephile.
Ukuncelisa ibele:
-Kulima indima enkulu ukuncelisa njengoba kulekelela ukusonga i-uterus kwehle isisu. Ukudonseka kwengono ngesikhathi ingane incela kukhiqiza i-hormone ebizwa ngokuthi i-oxytocin ebalulekile kumama nomntwana. Iphinde ilekelele ekutheni umama ehlise isisindo somzimba.
Ukuqukula nokudlalisa ingane:
-Ukuba umama kuhambisana nokuhlala ngokuqukula ingane futhi uyidlalise. Yize lokhu kubukeka njengento ejwayelekile kodwa nakho kulima indima enkulu ukusiza ukunciphisa isisu namafutha emzimbeni. Zijwayeze ukuqukula ingane uma ukuyithulisa noma uyidlalisa.
Indlela yokuphefumula ekujuleni kwesisu:
-Ukuphefumula ngendlela efanele nezonyakazisa isisu namamasela kuyasiqinisa isisu. Kumele uhlale uqonde, udonse umoya kakhulu kwi-diaphram bese uphinde uwudedela. Ungaqala ukwenza imizuzu emibalwa bese ulokhu unyuka ngokujwayela kwesisu.
Ukuzivocavoca ngendlela ekuthiwa i-kegel
-Ngesikhathi uminca isitho sangaphansi usidedela uqinisa namamasela esikhwama somchamo (bladder) asiza ukulwa nezinkinga ezingashiywa ukubeletha. Lokhu kuzokusiza nokwehlisa izinga lokuphunyuka uma uthimula, uhleka noma uqukula umntwana ngesikhathi usanda kubeletha. Lokhu ungakwenza nangesikhathi uchama noma ugeza okungenani kathathu ngosuku.
Ukuguqa sakuthandaza:
- Kuyakusiza ukwelula isisu ngesikhathi uguqa sakuya phambili nasemuva, isisu siyadonsela kufingqane izinyama bese siyaqina kahle. Lokhu ungakwenza ubheke phezulu ubuye ushintshe ubheke phansi.
Ukuhamba ibangana:
-Ukugijima kusuke kungelula ngalesi sikhathi kodwa ukunyakazisa umzimba ngokuhamba ibanga elingatheni kuyasiza ukugijimisa igazi nokuqinisa izicubu. Lokhu ungakwenza ngokujikeleza indlu noma ulokhu ujika esangweni eduze nasekhaya nengane.