UMFUNDISI we-Emmanuel Ministries ophinde abe ngumelaphi wendabuko, uMfu Philani Khumalo odume ngelikaDkt Skhuni, uthi amakholwa ayadinga ukuthi athembele nasemadlozini awo ukuze aphile kangcono.
UMfu Khumalo ungumholi wegatsha laleli bandla elisoShabeni ePort Shepstone, oGwini, oluseningizimu KwaZulu-Natal.
“Iqiniso elimsulwa ukuthi kithina esikholelwa ezintweni zesintu, amadlozi ayasilekelela kakhulu. Yingakho namakholwa ngiwakhuthaza ukuba akhonze uNkulunkulu kodwa angawalibali amadlozi akubo,’’ kuchaza uKhumalo.
UKhumalo uthe egatsheni aliholayo uye awakhuthaze amakholwa ukuba angakhohlwa amadlozi awo kodwa futhi angalenzi iphutha lokuhlubuka uNkulunkulu odale izulu nomhlaba.
Ngokusho kukaKhumalo, umuntu omnyama osadla anhlamvana ngaphansi komthunzi welanga udinga ukuphila ngokunxuselwa umusa kuNkulunkulu kanjalo nangokunxuselwa edlozini lakhe.
“Uyabona ikholwa elikhuleka ngempela kuNkulunkulu, lingagcini lapho, liphinde futhi likholelwe emadlozini, liphila impilo engcono kakhulu. Ngiyafisa sengathi leli kungaba yivangeli abantu abaningi abashunyayezwayo ngalo,’’ kusho uKhumalo.
UKhumalo uthe kumqoka kakhulu ukuthi kube khona okwenziwayo nasebandleni likaNkulunkulu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu abachezuki nakancane ezikhonkwaneni ezazishiywe ngabadala.
Uveze ukuthi ngonyaka ozayo, uzokuba nezinhlelo ezihlabahlosile lapho ezolekelela khona imindeni entulayo ngamagilosa okudla nangezingubo zokugqoka.
UKhumalo ukhulume nangokubaluleka kobudlelwane obuhle phakathi kwabelaphi bendabuko nabefundisi, wathi kufanele uphele umngcele phakathi kwabefundisi nabelaphi bendabuko ngoba bonke baphilisa abantu.
Ibandla i-Emmanuel Ministries libalwa namanye amabandla aseZayoni elinamalunga amaningi kakhulu futhi nelinamagatsha eNingizimu Afrika yonkana.