KUSANGIMANGAZA nanamhlanje ukubona abantu bengingqwa ushukela ngapha nangapha sibe isifo sikashukela selapheka siphele. Ukwelapheka kweDiabetes Type 2 akuyona into eqalwa ngudokotela uNxumalo, yinto eyaqala kusukela ngo-1916 emuva kocwaningo olwenziwa ngudokotela Elliot Joslin nethimba ayesebenzisana nalo eCanada, ngaphambi kwalokhu abantu babefa ngapha nangapha ngenxa yalesi sifo.
Kusukela lapho abantu belashwa ubuthaphuthaphu ngaphandle kokusebenzisa imishanguzo engamaphilisi nemijovo. Kusukela ngo-1916 babephila abantu ngaphandle kwamaphilisi nemijovo. Kuthe ngo-1922 sekutholakala ukuthi iphilisi iMetformin liyakwazi ukwehlisa ushukela egazini, kwaphinda kuwo lowo nyaka kwatholakala umjovo i-Insulin lavele lathi ithimba lamaphilisi yimani kanti singakwazi ukudayisa amaphilisi nemijovo kwenziwe izizumbulu zemali, kwashintsha ukudla etafuleni. Bavumelana ngokuthi isifo sikashukela isifo esingelapheki esizolokhu sikudla kancane kancane, abantu mabadle noma yini abayithandayo inqobo nje uma bezosebenzisa amaphilisi nemijovo.
Kusukela ngaleso sikhathi izifo zaba yinsakavukela abantu bakithi baguliswa yizo zonke izifo. Isifo sikashukela siyelapheka siphele, okumele ukwenze ukubheka ukuthi sisukaphi, yini imbangela yaso?
Ngiyaphinda ngiyagcizelela ngithi isifo sikashukela sidalwa ukukhinyabezeka kokusebenza kwamandla omzimba okuthiwa yi-ATP (adenosine triphosphate), umphumela walokhu, ukuphela kwamandla kwangaphakathi kuhlangene namakhemikhali adalekayo ahamba ethungatha angakudla akushwabadele. Konke lokhu kudala ukwehluleka kokungena kwe-glucose ngaphakathi ezinhlayiyeni ezingama-cells, lokhu kwenza i-glucose ibe ningi igcwale egazini.
Yilokhu kwanda kwe-glucose okwenza uchame njalo, wome ulambe njalo. I-glucose eningi emzimbeni ihamba inamathela kuzo zonke izindawo kuhlanganisa nezingxenye okumele zenze imisebenzi ethile.
Yingakho uyaye uzwe sekukhulunywa ngokunamathela kwale glucose, emithanjeni yegazi kugcine sekudaleka iHeart Attack, yingakho uyaye uzwe ngokunamathela kwale glucose emithanjeni eya endukwini kugcine kunezinduku ezingavuki, ngokunjalo kwabesimame kugcina engasafiki kuvuthondaba engasavukelwa ngenxa yale glucose esiningi emzimbeni.
Ngakolunye uhlangothi i-glucose eningi yenza umzimba ukhiqize i-insulin eningi kuzanywa ukususa i-eglucose egazini.
Ukukhiqizwa kwe- Insulin eningi kunemiphumela emibi eminingi emzimbeni:
Kugcina kudaleke amafutha amaningi bese siyakhuluphala kakhulu
Kuthikamezeka ubuchopho kugcine kudaleke isifo i-dimentia
Kugcina kudaleke i-stroke
Kudaleka nezinhlobonhlobo zemidlavuza ngenxa yokwanda kwe-insulin egazini.
Lapha bengisachaza umthelela odalwa ukwanda kwe-glucose ne- insulin egazini. Lama khemikhali omabili siyakwazi ukuwehlisa abuyele esimeni lapho umzimba wawuzisebenzela ungabangiswa yilutho. Lokhu sikwenza ngokuthatha umuntu onesifo sikashukela simhlanze amafutha asegcwele esibindini, kusinyaka nasobendeni.
Lokhu kuthatha izinsuku eziyisishiyagalolunye kuya eshumini ikakhulu uma ogulayo esebenzisa imishanguzo engamaphilisi kuphela.
Kumuntu obesebenzisa imijovo i-Insulin esikutholayo uma sisebenza ukuthi lapha abantu bayashiyana, kukhona okubathatha izinsuku eziyishumi nangaphezulu ngenxa yokuthi uma umzimba ungasajwayele ukuzizamela wona ukhiqize i-insulin ugcina usukhohliwe kwesinye isikhathi leyo ndawana ebiyenza lo msebenzi igcina isinciphile ngoba phela sekuhlale kukhona i-insulin edalwa ukuzijova, bese kuthatha isikhathi eside ukuthi leyo ngxenye iphinde ikhumbule ukwenza lowo msebenzi. Kusukela saqala ukwenza lo msebenzi, unyaka wesithathu lona esiwuqedayo sebebaningi abantu esesibasizile sabelapha lesi sifo. Buningi ubufakazi obukhona ongabuthola k-website yethu, nasezinkundleni zokuxhumana.
Khona kunjalo kukhona abantu bakithi abasaqhubeka nokudla amaphilisi futhi bazijovea, konke lokhu okubabeka engozini yokonakala kwezinso, imidlavuza, ubuhlungu bomzimba, ukuqaqamba kwamalungu omzimba, ukuvaleka kwamehlo, abanye sebeshaywe i-stroke, kwabanye imiqondo iphazamiseka agcine umuntu engasazazi ukuthi ungubani, engasazazi izingane zakhe, abanye bayakhumula bahambe nqunu, kukhona abadwanguzayo bengazi ukuthi bayaphi.
Yizo zonke lezi zifo nezimo ozokwazi ukuzigwema ngokuhlanza isibindi kulezi zinsuku eziyisishiyagalolunye sikwelapha, isimo sibuyele kulokho esasiyikho kudala.
Kuyiqiniso ukuthi indlela esisebenza ngayo izodinga ukuthi ukhokhe ngenxa yezindleko zomsebenzi kodwa kimina imali ngeke uyiqhathanise nokugula okuzohlukumeza impilo yakho okanye uye kwagoqanyawo. Ukubhekela isimo semali, kusukela kule nyanga uNovemba kuya ekupheleni kukaJanuwari 2025 sivumela ukuthi abantu abanesifo sikashukela ukuthi beze bezolashwa ngababili kodwa bakhokhe imali yomuntu oyedwa. Okusho ukuthi imali yoyedwa siyayihhafula kubantu ababili. Siyethemba ukuthi lokhu kuyokwenza ukwelashwa kufinyelele kwabaningi.
Mpilonde!