UKUDLA okuthile okudle uma usuzolala kungaholela ekutheni ube namaphupho amabi noma uqwashe.
Yize ongoti bezempilo bengakwazi ukuchaza ukuthi yini esuke isekudleni engadala ukuthi umuntu aphuphe kabi kodwa abakwazi ukukuchaza ukuthi ukudla okunempilo nakho kungakwenza lokhu uma ukudle sewuzolala kanti kunoshintsho okulwenzayo emzimbeni wakho.
I-Medlineplus kwi-website yayo, ithe ukudla usuzolala kwenza ukuthi umgudu wokugayeka kokudla usebenze ngokuthe xaxa okunomthelela nasekusebenzeni kobuchopho. Ngakolunye uhlangothi ukubhema nokuphuza utshwala ngaphambi kokulala kwenza ukuthi uphelelwe ubuthongo okwehlisa amathuba okuthi ube namaphupho.
Ucwaningo olwenziwe uDkt Tore Nielsen noDkt A Russell olushicilelwe emqingweni wezempilo iDreams of the Rarebit Friend, luveza ukuthi ukudla kunomthelela ekutheni umuntu aphuphe amaphupho asabisayo noma amaphupho amahle.
Emqingweni wabo abakushoyo bakweseka ngemibono yongoti abeluleka ngokomqondo omunye wabo uDkt Nereida Gonzalez-Berrios, othe kubalulekile ukuqaphela ukuthi yini oyidlayo uma usuzolala.
“Ukudla okuqinile, okunamafutha nokunoshukela noma ngabe okunempilo uma ukudle sewuzolala kunamathuba amaningi okwenyusa izinga likashukela egazini. Kwesinye isikhathi ushukela egazini lakho ulokhu wehla wenyuka okungaholela ekutheni uphuphe amaphupho asabisayo,” kusho uDkt Gonzalez-Berrios.
UMnuz Matthias Dettmah owungoti wokunyakazisa umzimba osetshenziswe yilaba babhali balolu cwaningo ukweseka abakushoyo, uthe ukudla okunoshukela kwenza ukuthi ube nomfutho, lowo mfutho uma uzoba nawo ulele ungaholela ekutheni uphuphekabi.
“Abanye baye babale noshizinjengenye yezinto ezingenzaukuthi uphuphe kabi kodwa abukho ubufakazi balokho obubambekayo.
“Esikwaziyo ukuthi ukudla okubabayo nokunopelepele kwenza umzimba ushintshe izinga lokushisa, okungenza ukuthi uphuphe kabi,” kusho uDettmah.
Abanye ongoti bathi uma ufuna ukulala kahle ube namaphupho amahle kukhona futhi ukudla ongakudla njengokuphuza itiye i-chamomile, ukudla inyama yekalukuni elingene, isithelo ikiwi, amakinati nokunye ngoba lokhu kudla kunikeza umsoco owenza umzimba ukhululeke futhi ulale kahle.
Abanye ongoti bathi uma ufuna ukulala kahle ube namaphupho amahle kukhona futhi ukudla ongakudla njengokuphuza itiye i-chamomile, ukudla inyama yekalukuni elingene, isithelo ikiwi, amakinati nokunye ngoba lokhu kudla kunikeza umsoco owenza umzimba ukhululeke futhi ulale kahle.