UKULAHLWA budedengu kukadoti akugcini ngokugcolisa nokudala izifo, kungaholela nasekutheni kwande izinyoka.
UMnuz Fortune Cobra Sibiya obamba izinyoka, uthe imfucuza ikakhulukazi ukudla, amakhasi ezithelo nemifino okulahlwa budedengu, kudonsa izinambuzane, amagundane namaxoxo kanti lezi zilwane zidonsa izinyoka ngoba izinyoka ziyazidla.
"Izinyoka zidla amaxoxo namagundane, uma wena ulahla udoti budlabha uzobona sekunezinyoka egcekeni. Ukubakhona kwezinyoka akuyona inkinga ngoba inyoka iyadingeka ukuze idle izinambuzane, imvelo vele isho njalo, inkinga wukuthi zigcine seziziningi endaweni ehlala abantu.
“Izingane yizona ezivamise ukuba sengozini ngoba zivamise ukudlala emigwaqweni nasezindaweni okusuke kulahlwe kuzo lo doti, ogcina usuyikhaya lezinyoka ezisuke zizozingela amaxoxo namagundane," kusho uSibiya.
Uqhube wathi udoti wasemasimini nowasezingadini kudala izimpukane kugcine sekunezinyoka, okubeka abantu abalimayo engozini uma kwenzeka beyinyathela inyoka.
Ezinye izithelo uthe zithandwa yizinyoni, izinyoka ezithile besezidla lezo zinyoni.
Uthe izinyoka zivamise ukuba ziningi ngesikhathi sasehlobo kodwa manje kuyenzeka zigcine zitholakala nasebusika ngoba isimo sezulu sesishintshile ebusika akusabandi.
"Ngalesi sikhathi sonyaka izinyoka ziba ziningi ngoba zisuke zidla kakhulu zenzela ukuthi ebusika zingaphumi ngoba inyoka iyakwazi ukuhlala izinyanga ezine ingadlile," kusho uSibiya.
Uqhube wathi izindawo ezithile zinohlobo oluthile lwezinyoka oluvame ukuthi ukutholakala kuzo ngakho kubalulekile ukuthi umphakathi ufundiswe ngezinyoka ezivame kuleyo ndawo nezinye izinhlobo ngoba ziyingxenye yempilo.
"EThekwini kunezinyoka eziningi, ngenxa kadoti olahlwa budedengu kanye nokuthi nezilwanyana ezibizwa ngezibankwa ezidliwa izinyoka ezaziwa ngokuthi omajola. Awukho umuzi ongenayo leyo nyoka eThekwini kodwa leyo nyoka ayinabo ubuthi, uma ikulumile kufana nokuthi ulunywe umaskito asikho isidingo sokuthi uze uye esibhedlela," kusho yena.
Uqhube wathi uma ulunywe yinyoka kumele uphuthume esibhedlela ngoba emitholampilo abanayo imithi yokunqanda ukusabalala kobuthi emzimbeni.
"Akulula ukwazi uhlobo lwenyoka ekulumile kodwa kuye kubhekwe izimpawu onazo bese kuyabonakala ukuthi ulunywe yinyoka ngenabuphi ubuthi.
Ubuthi obungena ngokulunywa yizinyoka uthe behlukene kathathu.
Ubuthi obulimaza isikhumba
Uhlobo lobuthi olulimaza isikhumba, uyavuvukala kakhulu uma ulunywe yinyoka enalobu buthi. Izinyoka ezinalobu buthi uthe yIbululu nemfezi.
Ubuthi obulimaza imizwa
Lobu buthi bulimaza iminzwa lapho ulunywe khona yinyoka. Kuyashisa kube buhlungu ngendlela engalawuleki lapho kunenxeba khona, uphathwa isiyezi, kugcwale amagwebu emaphashini, uphalaze amagwebu, ucinane, kungaphefumuleki.
Izinyoka ezinalolu hlobo lobuthi yizimamba nophephethwane
Ubuthi obulimaza amaseli egazi
Uhlobo lobuthi lulimaza amaseli egazi. Uma ulunywe yinyoka enalolu hlobo lobubuthi, uphuma igazi kuyo yonke indawo enembobo emzimbeni, akunqamuki, kudingeka uze ufakelwe igazi.
Uhlobo lwezinyoka ezinalolu hlobo lobuthi, wumhlwazimamba nokhokhothi.
Uqhube wathi uma ulunywe yinyoka akumele udle noma uphuze ngoba kungenzeka lokho kudale amagwebu azokucinanisa, ongakwenza wukuphalaza uma uzwa kucanuzela inhliziyo.