SEKUJWAYELEKILE ukuthi ubone abantu - ikakhulu abesifazane - uma bemenywe emicimbini okungaba yimishado noma kuhlatshwe inkomo kumbe izinkomo, bafike bephethe izinkunzimalanga zezikhwama.
Ungaze ufunge ukuthi basuke bethwele okuthile, kanti phinde, basuke bephethe izikhwama ezingenalutho ukuze uma sebehamba, bahambe beqiqinge abazokuthatha kule micimbi. Kuvame ukuba amakhekhe, inyama, amadombolo neziphuzo.
Lo mkhuba osewande nakubantu abasha wokuthi uma benikwe inyama kuthiwe abadle, bakhiphe oplastiki basikelane ukuze baphathele abasemakhaya. Abagcini lapho, bathatha odilinki, amakhekhe, ugologo, ubhiya, inyama, amadombolo nokunye.
Kuvela ukuthi kuze kulambe abasuke behambele umcimbi lowo, izintokazi zilokhu zithululile ezikhwameni nakoplastiki.
UMnuz Mandla Zondi ungomunye wabakade behlabile muva nje ofakaza ngalo mkhuba. Uthe kuze kulambe abantu abeze emcimbini abantu (ikakhulukazi abesifazane) belokhu behlohlile ezikhwameni.
"Akukho abangakuthathi idilinki, ijusi, ugologo, ubhiya.
NoMaNtuli Zwane uthe bathatha ngisho emngcwabeni.
Kunempikiswano eba khona yokuthi abantu benza lo mkhuba nje yingoba bagajwe yindlala emakhaya.
Kodwa uNksz Gabisile Hadebe uthi yena uyaphika: "Mina ngiyaphika ukuthi indlala, ukuzijwayeza umkhuba omubi nje,"
Uthe kunanezihlobo ezifika nebhakede elinamakhekhe kuyisipheko, zihambe nalo ligcwele yonke inhlobo yokudla ezizithathele kona.
"Laba bantu abanandaba nokuthi isimo salowo mndeni sinjani. Bafika ngezimoto. Ngesikhathi kuqhubeka umcimbi bathutha ukudla bakulayishe ezimotweni. Inyama engaphekiwe nephekiwe, ama-rice angaphekiwe, izinongo ezisuke zisale kuphekwa noma yini umuntu abona ukuthi angayisebenzisa ekhaya. Abanye uma ubacele ukuthi bakuqobele inyama ezophekwa usuke ubawezile, ingxenye enkulu bagoduka nayo. Umkhono kuyaziwa ukuthi ugcwala ibhakede uma usuqotshiwe kodwa uma uhlangene nogalakajane, aligcwali kuze kudingeke ukuthi wengeze,“
UMnuz Leo Sithembiso Sibaya uthe: “Kungcono uma kuwumcimbi wabantu abansundu kuphela. Kuyadumaza uma usubona abantu beqiqinga ukudla emcimbini wasemsebenzini wezinhlanga zonke okuhlanganiswe kuwo imali. Abaqiqingayo kube abamnyama kuphela."
UMnuz Nhlakanipho Injulab'chopho Mncube uthe: “Lapho ngikhulele khona omakhelwane bayalungiselwa izinto abazohamba beziphethe uma sebephinda emuva, kakhulukazi ogogo kuthiwe abaphathele abantwana ekhaya, hhayi ukuthi kusuke kuqoqwa.”
UNkk Nokuphila Ndlovu onenkampani ephekayo iphinde iqashise ngezitsha, iNdlovu’s Catering, uthe akugcini ngokudla kuphela, nezitsha bahamba nazo okuholela ekutheni umnikazi womcimbi akhokhe.
“Usaqala lo mkhuba bekuvame ukuthi kube yizingilazi namapuleti ahamba nabadlela ezimotweni kodwa muva nje kukhona abasuke benenhloso yokweba izitsha,” kusho uNkk Ndlovu.
UMnuz Mlungisi Mlaba oyisazi sesintu, uthe abenza lo mkhuba kumele bapheze ngoba kule nyama abasuke beyithatha esithe, kunezinhlobo okusuke kungamele ziphumele ngaphandle.
“Inyama ehlatshelwe abantu abadala nezimbuzi zokufeza izici ezithile akumele isihambi sithole intshontsho kuyo, kodwa inyama yesihle yomshado nokunye akunankinga. Inkinga esibhekene nayo manje indlala, abantu abanandaba nokuthi umcimbi owani, okubalulekile ukuthi bathole into abazoyidla. Abomndeni nawo kuyenzeka bangabi nalo ulwazi lokuthi inyama yamuphi umcimbi angakwazi ukuyipha omakhelwane,” kusho uMlaba.
Uthe kodwa inyama yokugeza izandla uma kukade kufiwe, akumele nakancane iqiqingwe. Naleyo okusuke kukhunyulwa kuyo inzilo, abaqiqingi kumele bazimbambe ngempela kuyona.