ISIFO samehlo uphenyane oludla lubi eThekwini namaphethelo ungakwazi ukuzenzela izaba zokuthi izimpawu zalo zingabi zimbi kakhulu, usekhaya.
Bangaphezulu kuka-13 000 abahaqwe yilesi sifo kuleli dolobha.
Ongoti bathi lesi sifo esidalwa ukuvuvukala kolwelwesi olubizwa ngokuthi i-conjunctiva oluvala ubumhlophe beso nengxenye engaphakathi yalo noma amagciwane athile noma ukushayisana okuthile kwemvelo namehlo.
Lesi sifo kunconywa ukuthi esimhlasele kumele abonane nodokotela kodwa uDkt Nishen Gounder, weNetcare Medicross eMalvern uthe zikhona izaba ongazizama usekhaya.
Uphenyane oludalwe amagciwane ahlukahlukene, kuhlanganisa negciwane elidala izimpawu zomkhuhlane (viral conjunctivitis)
"Lolu hlobo lophenyane luthelelana kakhulu. Ludluliselana ngokuthintana kwezinhlayiya zegciwane ezivela esweni, iso lesibili litheleleka phakathi kwamahora angu-24 kuya kwangu-48.
Abantu abaningi bajwayele ukuba nezimpawu ezingatheni eziziphelelayo ngaphandle kokwelashwa. Zivamise ukunyamalala ngemuva kwesonto noma amabili ngaphandle kokwelashwa.
Ububomvu, ukukhala izinyembezi nokuluma kuvamise ukuphela kuqala kodwa abantu abaningi bavamise ukuthi noma lokho sekungcono babe nezimbici ezibahlasela njalo ekuseni,“ echaza.
Uqhube wathi uma umuntu esebenzisa ama-contact lens, kubalulekile ngaso sonke isikhathi ukuthi abonane nodokotela uma ebona izimpawu
Uphenyane oludalwe ama-bacteria
“Nakuba ingasabulali njenge-viral conjunctivitis, i-bacterial conjunctivitis nayo iyathelelana kodwa izimpawu zihlukile kulezo zokutheleleka ngamagciwane.
Kulona kuvame ukuthi izimpawu zalo kube ukuphuma koketshezi oluphuzi, olumhlophe noma oluluhlaza okotshani oluphuma usuku lonke.
Ekuseni, umuntu uvuka eneso 'elivalekile'. Isibulala-magciwane esingamaconsi noma esigcotshwayo siyadingeka ukuze kwelashwe lesi simo ngempumelelo.” kusho uDkt Gounder.
Ezinye izimpawu:
Ubuhlungu beso
Ukuphazamiseka kokubona
Ukuzwela ekukhanyeni noma ubunzima bokugcina amehlo evuliwe
Ezinye izimpawu ubuhlungu bekhanda elihambisana nesicanucanu
Amathiphu okugwema ukutheleleka ngophenyane
Uma usola ukuthi wena noma ingane yakho inophenyane neso vakashela udokotela.
Ukuze uzivikele ekuthelelekeni, qinisa inhlanzeko. Khumbula ukugeza izandla ngensipho noma ngesibulali magciwane esinotshwala
Uma kungenzeka gwema ukuthintana nabantu abanophenyane. Gwema ukuthintana nabo ngokomzimba, ukuxhawulana, ukubolekana ngamapeni, amafoni nezimonyo.
Uma uhlangane nomuntu onephenyane, geza izandla zakho njalo ngensipho namanzi bese ushintsha ingubo yakho yokulala nsuku zonke. Ungasebenzisi ithawula noma imicamelo ebisetshenziswa nabanye abantu.
Funa iseluleko kudokotela uma uzwa ubuhlungu obukhulu, ushintsho ekuboneni kwakho.
Iziguli ezinamasosha antekenteke ezifana nezilashelwa umdlavuza, abaphila ne-HIV nesifo sikashukela, kufanele bafune iseluleko kudokotela wabo uma benezimpawu.
Uma unezimpawu geza izandla zakho njalo ukuze ugweme ukuthelela abaseduze kwakho ekhaya.
Kubalulekile ukuthi izingane ezincane zibone udokotela ngokushesha uma zinezimpawu