KUNINGI okuyaye kushiwo mayelana nephunga lesitho sangasese sabantu besifazane. Kukhona lelo phunga elichazwa njengeliyimvelo futhi okumele libe khona esithweni sowesifazane. Bese kuba khona ezinye izinhlobo zephunga odokotela abathi lisuke liyizinkomba zokuthi kukhona okungahambi kahle kowesifazane. Lelo phunga kuba elinuka sambola, elinye kube sengathi elikashizi noma linuke samvubelo.
Ongoti bathi lezi zinhlobo zephunga uma zikhona kowesifazane, ziba mandla kakhulu njengoba kushisa kulezi zinsuku. Yingakho kubalulekile ukuthi umuntu asheshe aqonde ukuthi lelo phunga lidalwa yini, elashwe.
Lingadalwa yisifo esithelelana ngokocansi (elisambola), ukudla okuthile, indwangu yempahla yangaphansi, ukungagezisizwa, amakha nokudla okunezithako ezeqile, ukushoda kwamanzi emzimbeni nokumpintsheka kwesitho sangasese.
Ungoti ekunakekelweni kwesitho sangasese kwabesifazane, uNksz Avuzwa Ngoma weBella Moon Spa and Beauty Clinic uthe ngaphandle kwezifo ezithelelana ngokocansi, ziningi izinto ezenza iphunga elingasile kwabesifazane.
" Ukudla esikudlayo kuyinkinga nakho, kuba nomthelela ephungeni elikhafulwa yiziqu zoboya. Esikukhuthaza kakhulu ukuthi uma kunokopha, ukuluma nephunga ngaphansi, phuthuma emtholampilo noma kudokotela. Kukhona nokunye ukukhuluma okuyaye kuthi, ukuya ocansini njalo kwenza owesifazane ahlale enephunga ngaphansi nokuyinto engelona iqiniso," kusho uNksz Ngoma.
Ubale nezinza njengenye imbangela yephunga elingelihle elingaqhamuka esithweni sowesifazane. Uthe amagciwane adalwa ukushisa ayakwazi ukubambelela ezinzeni bese eshintsha iphunga lemvelo kube yilelo elingafuneki enkomeni.
Yingakho ethi owesifazane kumele ashefe izinza okungenani kanye ngenyanga ukugwema leyo nkinga. Ngaphandle kwalokho uNksz Ngoma uveza ukuthi bakhuthaza nezindlela zokugquma isitho sangasese besebenzisa imishini nezindlela zesimanje ezihloliwe. Lokhu uthe kwenziwa ngamakhambi emvelo okubalwa nezithako ezitholakala ekudleni.
"Ukudla kunezithako ezelapha okuningi emzimbeni kodwa futhi zingaba yingozi zishiye izifo esithweni sangasese kowesifazane. Ukulala nomuntu ophuza kakhulu utshwala, odla izidakamizwa ungazi noma ukudla okungazwani nomzimba kungashiya ukungcola esithweni sangasese kowesifazane. Yilapho esisuke sesigquma khona ngamakhambi ukudonsa konke ukungcola, sisebenzise nomshini wokuqoqa kahle inyama ngaphansi," kusho uNksz Ngoma.
Ukugquma ngezinye zezinto ezenziwa ezindaweni zokuzicwala ongoti abathi akuyona into ongayenza njalo. Bakhuthaza ukuthi uyenze noma kabili ngonyaka bese ulekelela ngezinye izindlela. Osaziwayo enye yezinto abayikhonze kakhulu ukugquma isitho sangasese futhi kubukeka ingenisile emazweni aphesheya kwezilwandle. Omunye wosaziwayo uJada Pinkett Smith uke wakwenza nendodakazi yakhe ohlelweni lwakhe iRed Table Talk nokwashiya abantu nongoti nemibono ehlukene.
Anyanisi no-garlic
-Lena indlela yakuqala esasetshenziswa namanje ukulwa nephunga, ukudonsa ukungcola kanjalo nokwehlisa izinhlungu zesilumo uma usesikhathini. Uma usanda kuteta kungakusiza ukudonsa amahlule nokungcola okusuke kusalele ngaphakathi.
Ukuzihlanza
-Abantu besifazane abake badlwengulwa kuyenzeka bangabe besalulangazelela ucansi ngenxa yokuzenyeza nokuzizwa benephunga labadlwenguli. Ukuhlala uzigqume ngaphansi uzihlanze kuyasiza ukuqala kabusha impilo, usheshe ukhohlwe yiphunga elingakwenza ulahlekelwe ukuzethemba.