ININGI likholelwa ekutheni ubuso kumele buhlanzwe ngemikhiqizo ethile ukuze igcine umswakama esikhunjeni futhi isuse amafutha angadingeki.
Ongoti bezempilo bathi yize kuzwakala kuyinto enhle ukuthi abantu babe nemikhiqizo ethile abayisebenzisayo yokuhlanza ubuso kodwa kuningi okumele bakuqaphele. Baxwayisa ngokuthi kuningi okubi okwenziwa yimikhiqizo edayiswayo kuthiwa ngeyokunakekela nokugcina umswakama wesikhumba.
UMnuz Trevor Steyn, owungoti wesikhumba uthe ezinye zezindlela abantu abazilandelayo zokuhlanza ubuso, zidala inkinga yesikhumba ikakhulu ebantwini abahlala emadolobheni.
USteyn uthe ukusetshenziswa kwezindlela ezithile okuthiwa ngezokugcina ubuso busesimeni kuholela ekutheni bande abanezinkinga zesikhumba.
"Siphila ezweni lapho iningi labantu linezinkinga zesikhumba. Uma sibheka ngaphambi kokuthi abantu balandele izindlela zokunakekela ubuso ezihlanganisa i-cleanser, i-tone ne-moituriser, bezikhona izinkinga zesikhumba kodwa bezingeziningi njengezamanje. Ngaphambi kokuthi abantu abaningi balandele indlela yokunakekela ubuso babo kumele bathole izeluleko kongoti.
“Abantu abaningi abakunaki lokhu, kuze kube inkinga bayibona eduze kanti ezinye izinto zokugcoba zenza isikhumba sibe lula. Inkinga esibhekene nayo ukuthi sigabantu asizwani nokusebenzisa izinto zemvelo yingakho sizithola sisenkingeni enjengale," kusho uSteyn.
Uqhube wathi ezinye izindlela ezintsha ziphuca isikhumba ithuba lokuthi zigcine umswakama. Wathi ezinye izinto ezisetshenziswayo ezibizwa ngama-peals, zingamakhemikhali agcotshwayo bese ziyaxetshulwa.
“Okumele sikwenze ukuze sivikele isikhumba sethu ukuthi sibuyele endleleni yakudala yokuhlanza isikhumba ngamanzi. Kodwa, ngeke sisakwazi ukukwenza lokho ngoba njengamanje kunezinto eziningi ezigcolisa umoya ezingenza ukuthi ubuso bube nenkinga kodwa kumele siqaphele izithako zezinto esizisebezisa nzuku zonke,” kusho yena.
Okunye okuncoywayo ukuthi abantu bakwenze uma bekhetha imikhiqizo abazoyisebenzisa ukuthi babheke ukuthi ilungele isikhumba sobuso obunjani ngoba eminye imikhiqizo isuke ingakhelwe bona bese ifika idala izinkinga ebusweni babo. UDkt Futhi Mkhize, ongumsunguli wenkampani ekhiqiza izinto zokugcoba ezifanele isikhumba sabantu abamnyama ezingalimazi isikhumba, iNN Skincare, uthe okunye okwenza izinkinga zesikhumba esibi ukudla kanye nokushintshashintsha kwesimo sezulu.
“Ukudla kubaluleke kakhulu. Kuyenzeka ukuthi umuntu adle ukudla okuyikho kodwa uthole ukuthi akulungisiwe ngendlela eyiyo bese konakala izinso okuyizona ezihlanza igazi.
“Uthole ukuthi sezinokungcola okuningi bese umuntu ezibona esenamaqhutshana esikhumbeni kade engenawo. Ilanga nomoya okukhona njengamanje kuyalimaza futhi kubalulekile ukuthi uma sibheka izinkinga zesikhumba, singakushiyi ngaphandle.
“Ngeke sisakwazi njengamanje ukubuyela endleleni yakudala yokugeza ngensipho namanzi kuphela ngoba sekunalezi zimo ezidalwa ukushintshashintsha kwesimo sezulu.
“Uma usukhetha into ozoyigcoba ebusweni kumele ubheke ukuthi ithakwe ngani futhi sekulula manje ngoba kune-internet, ungangena kuyo ubheke ukuthi lezo zithako ziphephile yini noma qha,” kusho uDkt Mkhize.
Uqhube wathi kusemqoka ukuphuza amanzi ngendlela efanele ngoba amanzi ayasiza ahlanze izinto ezingafanele ukuba semzimbeni ezinye zidalwa ukudla.
“Impilo esiyiphilayo nokungalali ngokwenele kunomthelela ongemuhle esikhunjeni ngoba umzimba uyakwazi ukuthi uzilungise wona ngesikhathi ulele kodwa manje iningi lethu selilala amahora ambalwa lisheshe livuke lijahe imali ngoba impilo yethu njengamanje, idinga yona kakhulu,” kusho uDkt Mkhize.