Ababona nje obaba okuba mnandi ukuba seduze kwazo, kodwa nesitayela basiphethe. Njengoba kusasa (June 21) kuwusuku lokubungaza obaba iFather's Day, sibuka labo baba abamnene futhi abaphethe isitayela.
Wiseman Mncube
Lo mlingisi uke wamenyezelwa njengophethe isitayela ukwedlula wonke amadoda yiphephabhuku iGQ ngaphansi kwesigaba iBest Dressed Man of The Year ngo2019.
Uphethe isitayela nokuthi uyazifela ngokuthenga imikhiqizo eyenziwe kuleli lizwe.
UWiseman Mncube uyazifela ngezimpahla zokugqoka ezikhiqizwe kuleli Isithombe: Instagram.
Thapelo Mokoena
Usenze ukudaya intshebe ibempunga kwaba sesitayeleni umlingisi uThapelo Mokoena. Lo menzi wamafilimu okwazi ukugqoka noma yini ayenze ibukeke isesitayeleni ngendlela yokuthi nabanye bafune ukubukeka njengaye.
UThapelo Mokoena uhlale eziphihlile ngesitayela. Wenze ukudaya intshebe ibe mpunga kwasesitayeleni Isithombe: Instagram.
Riky Rick
Useze waziwa ngelikaKing Kotini ngoba isitayela yinto yakhe. Uhlale egqoke ngendlela ehehayo futhi akayingeni eyokugqoka okushibhile. URiky Rick usesitayeleni ngempela. Shapa Boss Zonke!
URiky Rick akakufihli ukuthi uyazifela ngezimpahla ezimba eqolo, kodwa uyawudla impela uKotini Isithombe: Instagram.
AKA
Akagqoke aconse kodwa uyakwazi ukuhlanganisa noma yini namateku kubukeka kuheha futhi kusesitayeleni. Noma umbona kuphi, ngabe unamanga uma uthi wake wambona egqoke kabi yize esuke eshaye amateku ngezansi kwayo yonke into asuke eyigqokile.
Ngisho angagqoka isudi, uhleli ezogqoka namateku kodwa kukho konke ngeke umbone egqoke kabi u-AKA Isithombe: Instagram.
Kay Sibiya
Lo mlingisi uhlale esiphethe isitayela. Ngisho nezitayela zasekhanda, uhlale ezokubulala ngazo. Umzimba wakhe ohlalwa nayiluphi uhlobo lwemfashini, kumenza ahlale ebukeka sengathi uwumkhangisi oseqophelweni eliphezulu.
Ukuma komzimba kaKay Sibiya kuphelelisa noma yisiphi isitayela asuke ezosibeka emzimbeni wakhe Isithombe: Picture: Instagram.