Ucwaningo olubheka indlela yokuziphatha iBio-Behavioural Survey (BBS) lwaseNingizimu Afrika luveza ukuthi iHIV nesifo sokuvuvukala kwesibindi, i-Hepatitis kudla lubi kwabazijova ngesidakamizwa abahlala emadolobheni amakhulu kuleli.
Lolu cwaningo olwenziwe iTB HIV Care phakathi kukaMeyi noSepthemba 2023, belubheka umthelela wendlela yokuziphatha, okuholela ekusabalaleni kweHIV neHepatitis emadolobheni afana naseThekwini, eTshwane, eMbombela nasemaShishing (Lydenburg).
Ngokwalolu cwaningo izinga lokutheleleka ngeHIV kwabazijova ngezidakamizwa lingu-72% eTshwane, eThekwini lingu-45%, eMashishing lingu-45%, eMbombela ngu-30.3%.
IMbombela ihamba phambili ngezibalo eziphezulu zokutheleleka nge -Hepatitis ngo-90.5%, ilandelwe iTshwane ngo-89% , kulandele iTheku ngo-75% kugcine iMashishing ngo-40.8%.
Umeluleki wezobuchwepheshe kwiTB HIV Care, uMnuz Andrew Scheibe, uthe i-Hepatitis C ivame ukubizwa ngokuthi umabulala buthule ngoba abantu abaningi bahlala bengenazimpawu, kuze kube yilapho isifo sesingene sagxila kakhulu isibindi sesonakele kakhulu.
ETshwane, abantu abebeyingxenye yocwaningo abaphila ne-HIV, abasaziyo isimo sabo bebelulandela uhlelo lokudla imishanguzo yabo ethithibalisa leli gciwane. Ucwaningo luveze ukuthi bangu-92% abantu igciwane ebelicindezelekile kubo eThekiwni. Bangu-59.9.% igciwane elicindezelekile kubona eMbombela, eMashishing bangu-42.3% ebebenegciwane elicindezelekile, eTshwane bangu-63.9%..
UScheib, uthe lezi zibalo zikhomba ukuthi ikhona inqubekela phambili yokuthi iNingizimu Afrika ifinyelele emgomeni i95-95-95 , okuchaza ukuthi u95% wabantu abaneHIV bahloliwe, u95% wabahloliwe kwatholakala ukuthi banaleli gciwane baqale imishanguzo, u95% wabadla imishanguzo igciwane egazini labo libe selicindezelekile.
Umqondisi wesikhungo esibhekelee izifo kuleli, iCentre for Disease Control and Prevention SA (CDC), uDkt John Blandford, uthe lolu cwaningo lwakamuva lweBBS lubanikeza ukuqonda okujulile ngezinselelo ezibhekana nabantu abazijova ngezidakamizwa.
“Siyazi ukuthi ukwanda kodlame lokushaywa noma lokuhlukunyezwa ngokocansi kuzo zonke izikhungo obekwenziwa kuzo ucwaningo bekungaphezulu kuka-30%. Siyazi futhi ukuthi ingxenye enkulu yabantu abazijova ngezidakamizwa ayizange iye ezikhungweni zezempilo onyakeni odlule ngenxa yokwesaba ukucwaswa . Lolu lwazi luzokwenza ukuthi ozakwethu be-CDC bafake izinhlelo zokunakekelwa kwangemuva kodlame ezinhlelweni zabo kanye nokuqeqeshwa kwabasebenzi bezempilo ngalezi zimo. Ukwanda kwe-HIV neHepatitis kusho ukuthi sidinga ukugxila emizameni yokunciphisa umonakalo, siqhubeke nokulwela amalungelo abantu ”, kusho uBlandford.
USolwazi Harry Hausler, isikhulu esiphezulu kwa-TB Care , uthe uma kubhekwa izinga eliphezulu le-HIV ne-Hepatitis C, ubona kunesidingo esiphuthumayo sokwandisa izinhlelo zokuthi abazijova ngezidakamizwa banikezwe izinaliti, ukuze kunqandwe ubungozi bokuthi batheleleke ngeHIV neHepatitis.