UKUKHULA komuntu, kungaba owesilisa noma owesifazane, kuza nezinguquko ezahlukene emzimbeni wakhe nasendleleni enza ngayo izinto futhi akuzona zonke lezo zinguquko ezamukeleka kalula kubantu ngenxa yobunzima eziza nabo.
Enye yezinguquko okusenzima ukuthi abantu bazemukele yisigaba esifica wonke umuntu wesifazane i-menopause, lapho kunqamuka khona ukuya ezinsukwini zakhe, okusho ukuthi uma eya ocansini usuke engeke esakhulelwa, azale umntwana.
I-menopause yehlukene kathathu. Ngokujwayelekile; iqala kumuntu wesifazane uma eseneminyaka ewu-45 kuya ku-55, kanti ivame ukuqala kwabaningi uma sebeneminyaka ewu-51.
Eyesibili yi-early menopause, evame ukushesha ngoba iqala kumuntu wesifazane eseneminyaka ewu-40 kuya ku-44, bese kuba yi-premature menopause, yona eqala kumuntu wesifazane kungakalindeleki, eneminyaka ewu-39 kuya phansi.
UNksz Xoli Madlala (46) waseMgungundlovu, umbhali wencwadi ethi The Peri-Menopausal Globetrotter, ngomunye wabesifazane ababe ne-premature menapuase, eno-38.
Elandisa Isolezwe, uthe ngenkathi eqoqa ulwazi alusebenzisa ebhala incwadi yakhe ngalesi simo, uthe wathola ukuthi esinye sezizathu ezenza owesifazane abe sengcupheni yokushesha ukufika kulesi sigaba, wukwedlulela kofuzo kwasebeke badlula kulokhu emndenini wowesifazane, kwedlulele nakuyena.
“Kokunye kudalwa yizifo eziyimbelesela ezinjengomdlavuza wesibeletho, kanjalo nemishanguzo yalezo zifo okungaholela ekutheni usheshe ufike kulesi sigaba ungakafiki eminyakeni efanele, phecelezi i-medical reduced menopause,” usho kanje.
Uthe i-peri menopause yehluke ngokuthi uma isakuqala, kuyenzeka ungene esikhathini, ubuye ungangeni, kanti futhi yenza nokuthi kushintshashintshe isikhathi oya ezinsukwini zakho ngaso, kuye ngokuya ungcine ungasangeni nhlobo.
“Ocwaningweni lwami engilwenze ngibhala le ncwadi ngithole ukuthi abantu besifazane abaningi abazi ngalezi zinto, futhi izinguquko okuza nazo kowesifazane zenza ukuthi azenyanye, futhi angaze acabange nokuzibulala ngoba engazi ukuthi kwenzekani kuyena ngaleso sikhathi,” usho kanje.
Eqhuba, uthe izimpawu zalezi zigaba zenza owesifazane angakhululeki, ahlale ejuluka ubala, imini nobusuku futhi kwenza nokuthi aqwashe ebusuku, ikakhulu uma kusamqala.
Uthe: “Konke lokho kungaholela ekutheni kube nengxabano othandweni ngoba kwabanye besifazane lezi zinguquko zenza bangabi nomdlandla wocansi.”
Uthe yilo lonke lolo lwazi olwenze wabhala le ncwadi, ayikhiphe ngo-Okthoba nyakenye, ukuzama ukukhuthaza imbokodo ukuba isukumele izinguqukuko ezinjengalezi kusenesikhathi.
“Nabesilisa kumele bakukhuthalele ukuzihlupha ngezinto ezinjengalezi ukusiza ukugwema ingxabano engenasidingo othandweni,”’ kweluleka yena.