Amakhaya amaningi asebenzisa amafriji ukuze agcine ukudla, izithelo noma imifino kungaze konakale.
Kunendlela okumele ukudla noma izinto ezigcinwa efrijini zihlale ngayo ukuze kuvikelwe ukuthi kusabalale amagciwane angaholela ekutheni abantu bagule noma ukudla okusefrijini konakale yize kusefrijini.
Konke ukudla kufanele kusongwe, kumbozwe noma kufakwe ezitsheni, ifriji akumele ligcwale kakhulu.
Faka ukudla ngokushesha efrijini. Ungabeki ukudla okuhlala efrijini ngaphandle kuze kuphele amahora amabili ngoba kuphenduka ubuthi. Uma uphuma kothenga, qiniseka ukuthi ufika ekhaya engakapheli amahora amabili ukufake efrijini.
Eshalofini elibandisayo kodwa elingenalo iqhwa, gcina okuzodliwa ngokushesha njengemikhiqizo yobisi, ukudla osekulungele ukudliwa, ukudla okusemathinini, okusalile, inyama ephekiwe namasaladi.
Eshalofini elineqhwa kufanele ugcine inyama eluhlaza, inhlanzi kodwa qaphela ukuthi kusezitsheni noma emaplastikini avimbela ukuthi kungathintani nokunye ukudla kuphinde kuvikele ukuthi inyama ishaywe umoya.
Gwema ukuhlanganisa ama-apula namapheya, neminye imikhiqizo efana nemifino enamaqabunga. Igesi ye-ethylene ephuma kulezi zithelo yenza ukuthi eminye imikhiqizo ivuthwe noma yonakale ngokushesha.
IZITHELO OKUNGAMELE UZIFAKE EFRIJINI
Ukwatapheya, ama-apula, ubhanana, izithelo ezisawolintshi, amajikijolo, amapentshisi, ama-apricot, nama-nectarine kufanele agcinwe ngaphandle kwesiqandisi. Ukufaka lezi zithelo esiqandisini kuzoholela ekulahlekelweni ukunambitheka kwazo . Kodwa-ke, ungakwazi ukufaka esiqandisini lezi zithelo imizuzu engu-30 ngaphambi kokuzidla uma ufuna ukuzidla ziklamuzela.
IMIFINO ENGADINGI UKUFAKWA EFRIJINI
Amazambane, ibell peppers, no-anyanisi.