Baya ngokwanda abantu abathenga amasekeni ezimoto ezincane ama-hatchback, ngokusho kocwaningo olwenziwe yi-AutoTrader.
Isikhulu se-AutoTrader uGeorge Mienie sithe imoto encane eyongayo kungenzeka ukuthi akuyona into efunwa ngabaningi kodwa kukhethwa yona ngenxa yentengo.
“Uma izikhathi zinzima amakhasimende abheka izimoto ezithenjiwe okushibhile ukuzinakekela. Ama-hatchback akahle ngoba abiza kahle, asahambe ibanga elincane futhi asemasha,” kusho uMienie.
Uthe ezimotweni ezingu-10 ezingamasekeni ezidayise kakhulu phakathi kukaJanuwari noMeyi ngo-2023 kunama-hatchback amabili akwaVolkswagen.
Uthe ngesikhathi esifanayo nonyaka leso sibalo sesinyukele ezimotweni ezimbili. Akusewona kuphela amaPolo namaPolo Vivo kodwa sekukhona neKia Picanto neSuzuki Swift.
UMienie uthe iSwift eneminyaka emithathu futhi esahambe kancane itholakala ngemali elinganiselwa ku-R186 532.
IPicanto eneminyaka emine futhi esahambe u-45 458km idayise ngo-R177 010.
Uthe intengo yePolo ibukeka yehla njengoba nyakenye yayidayisa ngemali elinganiselwa ku-R268 780 kodwa manje isilinganiselwa ku-R265 880.