UKUSIZA ngemali ekhaya kungafaka ingcindezi enkulu uma umndeni nalowo osebenzayo okulindeleke ukuthi asize bengavulelani izifuba ngodaba oluthinta imali.
Udaba lokusiza ekhaya ngokukhokhela izikweletu zasekhaya, ukuthenga ukudla noma ukuthumela imali ekhaya njalo, olwaziwa nge-black tax lusematheni kulezi zinsuku ngoba kuvela ukuthi abanye abantu bacwile ezikweletini ngenxa yokuthi kulindeleke ukuthi basize imindeni yabo ngemali, abanye okubenza bangasakwazi ukuya phambili nempilo yabo.
UNkk Ncumisa Ndelu ongumsunguli wekhasi likaFacebook i1 Family Stockpile, uthe uhlangabezane nale nkinga ngesikhathi ekhuthaza ukuphathwa kahle kwemali.
“Ngibhale ekhasini lami ngabazali abahlukumeza izingane ngokuzifuna imali engaphezu kwamandla azo. Izimpendulo engizitholile zingishiye ngithuthumela ngoba bengingaqondi ukuthi kanti le nkinga ijule kangaka. Ngiyazi ukuthi uma usebenza ekhaya kumele usize kodwa ukuthi uzogcina usiza sakukhokha, uma ungakwenzi lokho ungazithola ukhishwelwa ngaphandle emndenini bengingakwazi,” kusho uNkk Ndelu.
Umsunguli wenkampani eluleka ngokuphathwa kwemali Impirand Managers, uMnuz Siboniso Mtshali, uthe ukusiza ekhaya okujwayelekile akumele kubizwe ngokuthi ukhokha intela kodwa lokho kwenzeka uma abazali sebefaka ingcindezi ngoba sekudingeka ukuthi osebenzayo asize ngokungaphezu kwamandla akhe, yikho okubizwa ngentela.
"Lolu daba kumele silubuke nhlangothi zombili, uma usebenza ngeke uyekele abantu bakini balambe kodwa lokho kumele ukwenze ngendlela nawe engeke ikulimaze. Le nto iqala ukuba yintela uma abazali bezokhipha amazwi ahlabayo ezinganeni zabo, bethi bazifundisa ngakho kumele zibanakekele," kusho uMtshali.
Uqhube wathi okunye kudalwa ukuthi umzali ngesikhathi efundisa ingane yakhe ubeboleka imali ngethemba lokuthi uma isifundile izomthwalisa umthwalo wakhe kodwa angavuleleki kuyo asho ukuthi umanaphanapha izikweletu, bese esebenzisa amagama azokwenza ukuthi ingane imnike imali noma ngabe iyabona ukuthi sekungaphezulu kwamandla.
Uthe izingane uma zisebenza aziye zingasho ukuthi zinezikweletu nezindleko zazo. Uma zicelwa izinto ziyazenza zingasho ukuthi sekungaphezu kwamandla kanti kumele kube wudaba okuboniswanayo ngalo.
"Isisombululo lapha kumele kube ngukuthi abantu babone umeluleki wezimali njengomndeni ukuze bezofunda ukuthi uvuleleka kanjani ngokuthi uhola malini, nezindleko zakho zingakanani. Imindeni uma ithole ukuthi ilungu lawo liyasebenza ayibe isacabanga ukuthi lo muntu othole umsebenzi naye unezidingo zakhe. Uye ubheke izinto ezidingwa umndeni bese ubona ukuthi nangu umuntu ozowusiza. Ukuze asize kumele naye akwazi ukuqhubeka nempilo lapho ehleli khona. Uma kungenzeki lokho angagcina ezonda kwawona lowo msebenzi noma azibulale ngenxa yengcindezi," kusho yena.
UNkk Nomagugu Ngobese oyisazi samasiko nomsunguli wenhlangano iNomkhubulwane Culture and Youth Development, uthe ngokwesintu ukusiza umndeni nomakhelwane yinto okumele wonke umuntu ayenze ngoba kuyindlela yokuphila futhi akunamigomo namibandela.
"Amagama afana ne-black tax avezwa ukuthi abantu bagcine sebelandela impilo yezinye izizwe yokuphila ngayedwa. Thina sazi ukuthi sinemindeni emikhulu kodwa manje sekuthiwa kukhona i-extended family," kusho uNkk Ngobese.
Uqhube wathi kukhona nomkhuba omubi owenziwa ngabazali abanezingane abazifundisile abajike bafune ukuthi zikhokhe.
"Uma ufundisa ingane yakho usuke uyinikeza umphako, asikwazi ukuthi singathi buyisa umphako. Abanye baze babale lezo zindleko noma izingane zabo sezigana," kusho uNkk Ngobese.
Umbhali wencwadi: Handle Black Tax Like a Pro, uNdumi Hadebe, uthe ukusiza ekhaya kumele kube ukusiza, hhayi intela. Abasebenzayo kumele bazi ukuthi kunini lapho kumele bathi cha khona.