OQHIBUKHOWE bezinkulisa ezisebenzela emakhaya ezibiza kancane ziphazamisa umsebenzi wezinkulisa ezisebenza ngokusemthethweni.
Lokhu kushiwo uNksz Zama Mhlongo ongumsunguli wenhlangano engenzinzuzo, iZama’sizwe Crisis Centre, ngesikhathi ekhuluma nabanye abantu besifazane abanezinhlangano ezingenzinzuzo ebebehlangene eThekwini, izolo.
Uthe uyaqonda ukuthi abantu besifazane abaningi abasungula izinhlangano ezingenzi nzuzo basuke besiza abantu ngothando kodwa ukungayilandeli imigomo kungagcina kubeka engcupheni impilo yezingane kuphinde kuphazamise ukusebenza kwezinkulisa ezibhalisiwe ezilandela imigomo.
“Awukwazi ukuvula inkulisa ekhaya lakho ngoba ingane kunezinto okumele izenze uma isenkulisa. Akumele ukuthi ilale kuphela. Kunohlelo olubekiwe lokukhulisa ingane ngokomqondo okumele lulandelwe. Indaba enkulu iqala uma labo bantu abavule izinhlangano ezingenzinzuzo ngothando sezifaka izicelo zokuxhaswa ngoba zazi ukuthi zenza umsebenzi omuhle kanti izinto azihambi kanjalo, kudingeka ukuthi ube nawo wonke amaphepha,” kuchaza uNksz Mhlongo.
UNksz Bongiwe Mchunu weSivuno Community Project eseVerulam, uthe lesi sigcawu sizobasiza ngokuthi ulwazi abanalo lukhule kakhulukazi ekutheni imali etholwa inhlangano uyisebenzisa kanjani.
“Ukucobelelana nabanye abantu abasemkhakheni ofanayo ngolwazi kuholele ekutheni ngigcine ngibe nombono wokuthi ngingene ezinkulisa nasezikoleni, ngifundisa ngokudla. Ezinkulisa ngifundisa izingane zisencane ukuthi ukudla akuphumi esitolo, kuphuma enhlabathini nokuthi lokhu kudla kubizwa kanjani ngesilungu kanjalo nangolimi lwethu,” kusho yena.
Uthe usengene nasezikoleni zamabanga aphezulu lapho efundisa khona abafundi ngamathuba akhona kulo mkhakha abangawafundela.
“Ulwazi lolo oluthola ngokuhambela izigcawu ezinjengalezi, uma usekhaya uzingenela engadini ulime ungabheki ukuthi uyakhula noma cha,” kusho yena.
UMnuz Anele Chitha weGrow ECD, uthe maningi amaphutha enziwa ngamabanikazi bezinkulisa ngokungazi.
“Uma ingane ngayinye ikhokha u-R100 ngenyanga kusho ukuthi wena ugcina ingane ngayinye ngo-R4.00. Idlani ingane ngoR4.00 ngosuku? Leyo mali encane izokwenza ukuthi umnikazi wenkulisa athenge ukudla okungenawo umsoco. Ngabe lokhu kungubulungiswa? Ubani olimalayo ngokuthi wena ubiza imali encane ugcine unezingane eziningi. Impendulo ithi ingane,” kusho uChitha.