UKUDLELA etafuleni njengomndeni kuyimvelakancane ngenxa yokuthi abantu emakhaya amaningi bayasebenza abanye bayafunda nokwenza bangadli ndawonye. Isikhathi samaholidi yisona esenza imindeni eminingi ibendawonye futhi ikwazi nokudla ngesikhathi esifanayo.
Lokhu kusho ukuthi nesidlo sangalelo langa sehluke kakhulu kwezinye izinsuku. Ukwenza usuku lube nokwehluka kakhulu ungashintsha ngisho unyawo ngendlela ohlela ngayo itafula. Ngalolu suku itafula lakho lendlale ngendlela eyehlukile futhi ehambisana kahle nesikhathi sePhasika.
Ungasebenzisa izitsha, izindwangu, izimbali, imicamelo, oswidi kanjalo nemihlobiso egabe ngonogwaja. Lokhu akukhethi noma ngabe ukwenza endlini, phambi komnyango noma egcekeni lapho kunotshani khona.