UKUNGENISA kwezinkundla zokuxhumana, okubalwa iTik Tok, Facebook, WhatsApp neTwitter kuholele ekutheni abantu bagcine sebecobelelana ngezinto ezehlukene, ikakhulukazi ezobuhle kwabesifazane. Ukugxoba amagobolondo eqanda nosawoti, bese ugeza ugquma ngakho maqede ukhulume konke okufisayo, ngomunye wemikhuba okukhulunywa ngayo engenisile ezinkundleni zokuxhumana. Okumangazayo wukuthi akubona nje abantu abamnyama, noma baseNingizimu Afrika kuphela kodwa zonke izinhlanga emhlabeni wonke.
Babodwa ababuya nobufakazi bokuthi konke lokhu abasuke bekumemeza ngesikhathi begquma kuyenzeka, okuwumkhuba obukeka uzodlula, bangene nawo onyakeni omusha. Ngaphandle kwawo ngisho amanzi imbala kunabakholwa wukuthi enza izimanga, ikakhulu uma ucela umsebenzi, ubuyisa isithandwa sakho noma ufuna ukuba nemali eningi. Okunye wukuxutshwa kweCinnamon ihlanganiswe noshukela, kugezwe izandla emanzini ahambayo empompini, bebe bekhuluma konke abakufunayo.
Uma kungenjalo abanye bathi basetshenzelwa wukukhuluma bekumumethe bebiza imali, abanye bakuxuba namanzi bese befumbatha ngezandla zombili, bamemeze konke abafuna kwenzeke. Iningi lale mkhuba yenziwa phakathi kwamabili ebusuku, ezintatha, noma ngesikhathi sokulala. Yize iningi lisebenzisa i-cinnamon noshukela noma uju kodwa abanye bakhuthaza usawoti, ikakhulu izakhamizi zakuleli.
Imali njengoba ihamba phambili nje, kukhona nomkhuba wokugeza ngayo bese ugquma ngayo isemanzini. Le mkhuba idinga ukwenziwa nokulandelelwa cishe nsuku zonke ukuze kwenzeke leyo milingo ngokusho kwama-video abawaqophayo. Amahlamvu ezihlahla nawo ayabhalwa izifiso zomuntu, bese eshiswa ngenkolelo yokuthi kuzokwenzeka. Muva nje baziphihla ngamakhondomu ezinyaweni, ngenkolelo yokuthi ziba zinhle zelapheke nezigulayo.
Lithini iqiniso nge-cinnamon?
-Ngokongoti bezempilo, iyalekelela ukunciphisa amathuba okuhlaselwa yizifo eziphathelene nenhliziyo, kuyasiza ukuyigcina ivikelekile.
-Iyakwazi nokulibazisa izimpawu zokushwabana kwesikhumba emzimbeni womuntu, iphinde isize ukuvikela umzimba ekuhlaselweni kalula yizifo.
-Iyakwazi ukulwa nezinhlungu zokubophana kwezicubu emzimbeni ivikele nokuvuvukala.
-Iyasiza ukuchopha nokukhuculula isikhumba uma ihlanganiswe noshukela noju.
Iqiniso ngosawoti
-Uyasiza ukukhuculula ukungcola esikhuumbeni uma ugeza ngawo, ikakhulu ezinyaweni njengoba ubuye ukhiphe ubuthi, okwenza abantu abaningi bathobe ngawo.
-Kodwa uhlukene kabili, usawoti ovamise ukusetshenziswa uma kuphekwa phecelezi itable salt, ingaphazamisa ukusebenza komzimba uma uzoyidla kakhulu sewuzolala kanti isea salt noma ihimalaya salt yona yenza ulale kangcono.
-Isea salt iyasiza nokuthi umzimba ungabi namajaqamba kalula kwazise inesodium, magnesium, potassium neculcium okudingwa umzimba.
Ushukela onsundu
-Uyakwazi ukuchopha ngawo ingqakala. Uyasebenza futhi ngokuthi uxutshwe noju ukhuculule ubuso kulokhu okubizwa nge-exfolliating. Lokhu kwenziwa wukuthi une-glycolic acid eyingxenye encane ye-hydroxy acid ekhucululayo esikhumbeni. Ngesikhathi uzichopha ngawo kuhlakazeka isikhumba esidala esingcolile esingasadingeki, bese kukhiqizeka isikhumba esisha esishelelayo.
-Uyasiza ukugqamisa kahle isikhumba sibenyezele futhi uyalekelela nokunciphisa izibazi emzimbeni.