KUYACHWAZA ezinkundleni zokuxhumana nge-video yentandokazi yezokuzivocavoca, uSbahle Mpisane, odume ngelikaFitness Bunnie.
USbahle unameke i-video ekhasini lakhe ku-Instagram ebhushuzela ekhombisa ubuciko obusemzimbeni wakhe kusukela kuma-tattoo kuya kuma-tape amnyama anamekwe wona nazishaya samisiko yangaphansi ehloniphise namabele, isitho sangasese nezinye izingxenye zomzimba
Kule video uSbahle unameke nombhalo oqhakambisa ubuciko ngezindlela ezahlukene, kusukela kwiziphaqulo zeSpotless Beauty kaZamo, abezokuzivocavoca, iMds Fitness Imagery, kanjalo nabama-tattoo aveza ukuthi selokhu ebambisene nabo bemdweba kusukela ngo-2019 kuya ku-2022.
“Uma usuthatha ubuciko ububeka kwelinye izinga," kusho uSbahle.
Lokhu sekuholele ekutheni abaningi babe nemibono ehlukene.
"Sesilinde nalaba abanye abazoqhudelana nawe. Umuntu kumele athenge i-data," kusho u-Asande Dlalisa.
"Usithelekele ngobuhle kuwuMsombuluko ekuseni," kusho uLeesa Sehlohlo.
"Abanye abantu banemisebenzi emnandi," kwenanela uNduduzo Dube.
"Leyo tattoo egcwele umlenze," kuncoma u-Ilovelitha.
"Kuhle kakhulu kuyachaza," kuphefumula uLerato Matshailwe.
Abanye bashaya amakhala babona kuyizindlela zokubanqunu esebenzisa ubuciko uSbahle.
"Yiliphi leli zinga lobuciko," kubuza uSakeh Nduh.
"Ukuba nqunu kodwa bazothi sinomona," kuphawula uPhephile MissP Thabethe.
"Angiboni buciko ngibona ukuba nqunu, ngigxeka namehlo ami ngokungaboni kahle," kubeka uKundie_94.