NGABE uyaqaphela ukuthi izilwane ozifuye ekhaya uzinika ukudla okunempilo? Ukungakwenzi lokhu kungaholela ekutheni isilwane sakho osithandayo sihlaselwe yisifo sikashukela okungaholela ekutheni sibe yimpuputhe.
Ongoti abanakekela izinja bathi lesi sifo sidume ngokuphatha abantu, kepha sibuye sihlabe izinja namakati.
Njengakubantu, lesi sifo ezilwaneni sidalwa wuhlobo lokudla ezikudlayo, yize kubuye kwenzeke sidalwe ngezinye izizathu nakuba kungavamile.
UNkk Celeste Houseman weJohannesburg iSociety for the Prevention of Cruelty to Animal (SPCA) eJohannesburg, uthe ucwaningo luveza ukuthi inja eyodwa kwezingu-500 kunamathuba amaningi okuthi ihlaselwe yisifo sikashukela. Uthe ikati elilodwa kwangu-200 kunamathuba amaningi okuthi lihlaselwe yilesi sifo.
Uthe ngokujwayelekile izinja namakati okungenzeka zihlaselwe ilesi sifo ngezineminyaka ephakathi kweyisikhombisa neyisishiyagalolunye. Izinja zezinsikazi zinamathuba amaningi okuthi zihlaselwe yilesi sifo kunezinja eziyizinkunzi.
"Izinja ezinesifo sikashukela njengabantu ziphila kahle uma zisebenzisa imishanguzo yokulawula isifo sikashukela. Uhlobo lwalesi sifo esijwayele ukutholakala ezinjeni u-type I kanti amakati wona awavamisile ukuthi anikezwe imishanguzo yize nawo esuke eyidinga i-insulin.
“Njengakubantu lesi sifo siyavikeleka futhi siyalawuleka emakatini nakuzona izinja," kusho uNkk Houseman.
Uthe kubalulekile ukuthi abanikazi bezilwane ezifuyiwe ezifana nezinja namakati bakuqaphele ukuthi zidlani.
Uma ikati noma inja esingenwe yilesi sifo kumele ihlale ibona udokotela wezilwane ozoyihlola abone ukuthi konke kuhamba kahle yini njengoba kwenzeka kubantu.
Yini ongayenza ukuze uvikele ukuthi izilwane ozifuyile zingenwe yisifo sikashukela
Qikelela ukuthi zingakhuluphali ngokweqile
Zidedele zihambe, zinyakazise umzimba, zingahlali ndawonye
Ungaziphi ukudla okunamafutha kakhulu
Vama ukuhambisa isilwane sakho kudokotela wezilwane ukuze siyohlolwa.
Emakatini ukukhuluphala ngokweqile kuvamise ukuthi kube ikhona okuyimbangela yokuthi ahlaselwe yisifo sikashukela.
Lesi sifo simandla kakhulu emakatini ayizinkunzi kunezinsikazi. Kuyenzeka kuwo amakati lesi sifo sidalwe yinkinga yokungasebenzi kahle kwamanyikwe iCushing's disease kodwa lokho akuvamile.
Yize lesi sifo singahlasela noma iyiphi inja noma ikati kodwa zikhona okulula ukuthi zihlaselwe yilesi sifo okungamaYorkshire Terrier, amaPoodles, amaMiniature Schnauzers, amaPugs, amaBichon Frises, amaLabrador Retrievers, amaCocker Spaniels, amnaDachshunds, amaDobermann Pinschers, amaGerman Shepherds, amaGolden Retrievers namaPomeranians.
Ungabona ngani ukuthi inja noma ikati lakho linesifo sikashukela?
Ukomela amanzi ngokwedlulele
Ukuchama njalo kwesinye isikhathi sichamele nasendlini
Ukuba namehlo anolwelwesi olumhlophe
Ukudla kakhulu noma ukungadli kodwa kwehle isisindo
Ukungathandi ukunyakazisa umzimba
Uma ikati noma inja kunalesi sifo, maningi amathuba okuthi kuhlaselwe ngezinye izifo okungaba wukufiphala kwamehlo okungaphetha ngokuthi inja ingcine isiyimpuputhe. Emakatini kuvamise ukuthi likhathale imilenze yangemuva, likhubazeke.