UCWANINGO olwenziwe yiHuman Research Council luveze ukuthi zingaphezu kuka-60% izingane ezikhula ngaphandle koyise eNingizimu Afrika, kuthi u-20% uxhumana noyise kabili kuphela ngesonto.
Lolu cwaningo luveze nokuthi lesi sihlava siqhubekela nakulezo zingane okuthi zingazala nazo zenze okufanayo ezinganeni zazo, okwenza le nkinga iqhubeke ibhebhetheke emphakathini.
Umsunguli wenhlangano engenzi nzuzo, iFather A Nation, uMnuz Craig Wilkinson, uthe ukukhula kwezingane zabafana ngaphandle koyise kwenza zihlale zinobuhlungu balokho ngisho sezikhulile futhi ezinye zazo zigcina zivika ngalokho uma sezenza izinto ezingalungile emphakathini nakwabanye abantu.
“Asikwazi ukushalazela ubuhle bempilo yengane ekhule inoyise nomthelela omuhle walokho empilweni yayo. Ngakho njengoba sigubha usuku lobaba ezweni kumele siqhakambise iqhaza elibanjwa wubaba empilweni yomntwana ukukhuthaza obaba abangazinaki izingane zabo ukushintsha ukwenza ukuze siyisizwe sikwazi ukukhiqiza abaholi bakusasa,” kweluleka uWilkinson.
UNksz Nomveliso Mbanga weMayine Development Institute yase-East London, esiza ukubhekelela ukukhulisa izingane ngendlela efanele, uthe esinye sezizathu ezenza izingane zabafana zikhule ngaphandle koyise yindlela abazali ababhekana ngayo nesimo sokwehlukanisa kwabo.
“Ukulwa nokubizana ngamagama angemahle phambi komntwana uma senihlukene kunomthelela omubi engqondweni yakhe. Okunye futhi okubi okwenziwa ngabazali ukungabe besaxhumana nezingane zabo uma kwenzeka omunye wabazali eshada noma eshadelwa kwenye indawo. Lokho kudala ukuthi izingane zisale dengwane, zizizwe zinganakiwe futhi zingathandwa,” kusho uNksz Mbanga.
Ephetha, ucebise ngokuthi abazali abagweme ukunganaki izingane zabo uma bengasazwani futhi benze izindlela zokugcina izingane zixhumene nabo bobabili noma ngabe abasezwani ukuze ingane ikhule yazi uthando lwabazali bobabili.
“Okunye okusemqoka wukuthi uma abazali benezingane eziningi kubantu abehlukene, benze izinhlelo zokuthi zihlangane, zazane ukuze zikhule zizwana,” kucebisa uNksz Mbanga.