ONGOTI bezamabhizinisi bavame ukucebisa osomabhizinisi abasafufusa ukuthi babheke inkinga esemphakathini, bese beza nesixazululo ukuze bachume kwezamabhizinisi.
Wenzenjalo noNksz Zinhle Ntuli esungula iZeeso’s Fresh Produce, ibhizinisi lokufuya - adayise izinkukhu, aqale ukuliqhuba emphakathini wangakubo eRichards Bay.
UNksz Ntuli (38) wenkampani iZeeso Events and Project Management abhalise ibhizinisi lakhe lezinkukhu ngaphansi kwalo, uthi abantu bangakubo bazithanda kakhulu izinkukhu eziphilayo ngoba zinempilo.
“Abantu, ikakhulu bangasekhaya, bebehlale bekhala ngenyama yenkukhu edayisa ezitolo, bethi ayisenamsoco - ekubeni kungelula kubona ukuthola izinkukhu eziphilayo.
“Yilokho okwangifikisela ngomcabango wokuqala leli bhizinisi ukuze ngibadayisele izinkukhu eziphilayo kalula emphakathini, ngibe ngizenzela inzuzo ngalokho,” kuchaza uNksz Ntuli oqale ibhizinisi lezinkukhu ngoJuni, nyakenye.
Eqhuba, uthe akawukhaleli uR3 000 awusebenzisa ukuthenga izinkukhu eziwu-100 nokudla kwazo, aqala ngakho iZeeso’s Fresh Produce.
“Zadayisa zonke kungakapheli amasonto amabili, lokho kwangikhuthaza ukuqhubeka nebhizinisi ngoba kukhombisa ukuthi abantu bayalithanda,” usho kanje.
Njengawo wonke usomabhizinisi, nakuye ziyafika izingqinamba ezizamazisa ibhizinisi lakhe.
“Inkinga enkulu wukuthi kuyashisa la eRichards Bay, okudala ukuthi izinkukhu zami zingakhuli ngendlela efanele, kwesinye isikhathi zigcine zifa.
“Kodwa ngijabule ngendlela elikhula ngayo, futhi ngizimisele ngokulikhulisa ngigcine sengidayisa izinkukhu zami ezitolo ezinkulu nakwezinye izindawo njengoba sengiqalile ukungenisa koThekwini,” kuphetha uNksz Ntuli.