USHIYE phansi enyuvesi enza unyaka wesibili weziqu zobudokotela wabuyela ku-matric ukuze afeze iphupho lakhe lokuba umshayeli wamabhanoyi.
UNontobeko Mncwango (19) waKwaLindizwe, KwaNongoma, obefunda eBizimali High, eNkandla udabule o-A abayisishiyagalombili ku-matric ngo-2020.
Ubenza iPhysical Science, Mathematics, Life Sciences, Geography, Agricultural Sciences, Life Orientation, isiNgisi nesiZulu.
Wayekade ephase kahle u-matric ngo-2018 wathola u-bachelor no-A ababili. Ngo-2019 wenza iziqu zobudukotela kodwa uthando akhule enalo lokuba umshayeli wamabhanoyi lwamkhipha enyuvesi iSefako Makgatho Health Sciences University.
Uthi wagqugquzelwa nayimpumelelo ka-Asnath Mahapa owaba ngumshayeli wokuqala wamabhanoyi wesifazane omnyama eNingizimu Afrika.
Ingqinamba anayo manje ukuthola imali yokuyofundela ukushayela amabhanoyi athe kumba eqolo.
“Bengiphuma nasendlini ngibuke ibhanoyi lindiza phezulu, ngimamatheke ngifise ukuba umshayeli walo. Ngayeka ukwenza ubudokotela ngoba into eyayingekho kimina ngaphakathi yize ngase ngiwuphasile unyaka wokuqala enyuvesi,” kusho uNontobeko.
Uthe abantu abalandele amaphupho abo, ikakhulukazi abesifazane bangene nasemikhakheni engajwayelekile naleyo ethathwa ngokuthi eyamadoda noma abebala elimhlophe.
Uyena omdala ebantwaneni bakubo abane. Uphuma emndenini athe uphila ngemali yesibonelo sikahulumeni futhi ukhuliswe unina uNksz Nonhlanhla Sithole obemkhuthaza futhi emeseka ezinqumeni zakhe.
UNksz Sithole uthe waphatheka kabi indodakazi yakhe iyeka enyuvesi kodwa kuthe uma ehlala nayo phansi imchazela, wabona ukuthi le nto yokuba umshayeli wamabhanoyi ikuyona ikhule nayo.
Uchaze umntwana wakhe njengomuntu okhaliphile, okhuthele futhi akuzuzayo asuke ezibekele kona.
“Into abeyifisa isikhathi eside ukuba umshayeli wamabhanoyi. Imiphumela yakhe edlule ayimfinyelelisanga ephusheni lakhe. Uyazimisela, abazali abeseke izingane khona zizofeza amaphupho azo,” kusho uNksz Sithole.
Kulo nyaka uNontobeko unikwe isikhala sokufundela ubudokotela eNyuvesi yaseCape Town, eyasePitoli naseSefako Makgatho Health Sciences University kodwa wazinqaba ngoba efuna ukuba umshayeli wamabhanoyi.