SITHEMBISO MKHIZE
UZISHAYA isufuba ngabadlali bekhilikithi asebakhiqizile uSandile Caluza (32) ongumqeqeshi aphinde abe umnikazi weLindelani Cricket Club yaseThekwini.
Leli qembu lisungulwe uCaluza ngo-2008. Kukhona elabafana elidlala kwiKwaZulu-Natal Cricket Premier League nelamantombazane eliyibamba kwiKwaZulu-Natal Women Cricket League. Lona lisungulwe ngo-2011.
ILindelani Cricket Club iphinde ibe no-under 11, 13 no-15 ohlanganise ubulili.
Yilo leli qembu elikhiqize uNondumiso Shangase noNonkululeko Mlaba abebeseqenjini lesizwe ebelimele elakuleli kwi-2020 ICC Women's T20 World Cup, e-Australia.
Kuyimanje uNondumiso useBangladesh, uhambe neqembu lakuleli elibizwa ngeSouth Africa Emerging Women's Squad.
UCaluza wakwa-C eNtuzuma utshele Isolezwe ukuthi kulezi zinsuku ujabule njengoba iningi labadlali bakhe belibizelwe esikwatini saKwaZulu-Natal, sabafana namantombazane.
Uthe emqhudelwaneni wamantombazane, iCSA Top 6 Provincial Championships, ebisemasontweni edlule, e-East London, abadlali bakhe abebesesikwatini uNobuhle Busani (16) obhethayo, Ayanda Hlubi (16) oyi-fast bowler noNosipho Yaka (18) oyi-wicket-keeper. Bonke laba abaseLindelani.
UCaluza uthe abanye uSabathile Madlala (23) waseChesterville, oyi-bowler noSisanda Ngubane (15) waseMlaza oyi-spin-bowler.
Kubafana abebedlala kwi-CSA 3 Day Provincial Week, ePaarl, eWestern Cape, bekubizwe uNhlakanipho Mpongose oyi-fast bowler no-Andile Simelane waKwaMashu, obhethayo.
"Kungijabulisa kakhulu ukubona abadlali abakhiqizwe yimina bedlala emazingeni aphezulu. Lokhu kuwubufakazi bokuthi noma ngabe uhlala kuphi uyakwazi ukuphumelela. Ubani owayengasho ukuthi iLindelani ingakhiqiza abadlali abayibamba eqenjini lesizwe lekhilikithi, okuwumdlalo okukhonya kuwo abezinye izinhlanga. Isifiso sami ukubona sanda isibalo samaqembu ekhilikithi emalokishini. Lokhu kuzodala nokuthi sande isibalo sabadlali abampisholo emaqenjini esizwe.
"Bheka nje, ngayo ikhilikithi uSimelane uthole umfundaze eMaritzburg College, wenza uGrade 11. Ungomunye wabadlali bami engiziqhenyayo ngabo. Kule minyaka ewu-17 usedlale eqenjini lesizwe lika-under 19. Ngo-2019, wayedlala eqenjini laKwaZulu-Natal ebelidlala kwi-CSA Provincial One-Day Challenge. Impumelelo yakhe yakamuva ngeyokubizwa kumaDolphins ngesikhathi edlala kwiMomentum Cup naku-T20.
"Ngakolunye uhlangothi, noNondumiso wenza izimanga eBangladesh. Ngibonga uNkulunkulu ngokuthi ngiqeqesha abantu abazimiselayo. Kayigcinile iLindelani ngalaba badlali, baningi esazobakhiqizela elakuleli. Into esiphoxile nje yiyo iCovid-19. Iligi kasiyidlalanga," kubeka uCaluza.
Iligi iKZN Women Cricket League neCricket Premier League azoqala ngoSepthemba asongwe ngoMashi wonyaka ozayo.