WAFUNDELA ukushayela ngoba engakwazanga ukuya esikoleni, owesifazane ongowokuqala ukuba nesikole sokufundisa abanye eMsinga.
UNkk Hlukanisile Mbhele (54) waseSidakeni eMsinga, nguye yedwa onesikole sokushayela, iMaZuma Driving njengoba ethi kusakhonya abesilisa. Ukungalubhadi esikoleni ngesikhathi esayingane kwenza wacabanga ukuthi ukufundela ukushayela yikona okuzomtholela umsebenzi. Utshele Isolezwe ukuthi wayengahlelile ukuthi ngelinye ilanga uyoba nesikole sokushayela kodwa wayezizamela indlela yokuqashwa.
“Abazali bami abazange bangiyise esikoleni. Kuthe sengimdala ngabona ukuthi ayikho into ezongisiza ngoba anginasicucu semfundo.
“Ngaqala ukufundela ukushayela ngo-1992 ngineminyaka engaphansi kuka-30.
“Ngenhlanhla angizange ngiwuswele umsebenzi senginezincwadi zokushayela,” echaza.
Uthe umsebenzi wokuqala wokushayela wawuthola esibhedlela oThukela, eshayela imoto yokuthutha ukudla.
Uveze ukuthi bamqalisa ngemoto endala ngoba babengakamethembi.
Ngaleso sikhathi wayenezincwadi zikaCode 8.
“Kuthe sebebona ukuthi sengishayela kahle, bangithengela imoto entsha.
“Indlela engishayela kahle ngayo angikaze ngenze ngisho ingozi selokhu ngaba nezincwadi.
“Ayikho into engikwazi ukuyenza kahle njengokushayela,” kusho uNkk Mbhele.
Ngenxa yokuthi akayanga esikoleni uthe ubeba nenselelo uma ehambise ukudla kumele akhulume isiNgisi.
Lokhu kwamenza waqala phansi wafunda esikoleni santambama asifunelwa abaqashi bakhe.
Kumanje usefunde waze wathola * -matric.
UNkk Mbhele uthe ngenxa yothando lokushayela wabuye wafundela izincwadi zikaCode 10, wasebenza ezikoleni ezimbili zokufundisa ukushayela.
“Kulezi zikole ngaqala ngifundisa ngolwazi lokushayela nezimpawu zomgwaqo kuphela, ngingangeni emotweni. Ngelinye ilanga kwahamba umfana obefundisa ukushayela, kwadingeka kubambe mina. Kwangisiza ngoba yilapho ngithole khona isipiliyoni sokufundisa ukushayela,” kusho yena.
Wabuye wasebenza efemini yezicathulo okuthe uma ivalwa wafuna okuzomngenisela imali.
Uthe wabuyela kwesinye isikole abefundisa kuso ukushayela eyocela bamdayisele imoto.
“Ngangikade ngitshale imali komunye umshwalense iminyaka elishumi.
“Ngasizwa ukuvuthwa kwawo, ngathatha imali ngabambisa ngayo ukuthenga imoto esikoleni sokushayela. Ngenxa yokungethemba umnikazi wesikole wanginika ngingakaqedi ukuyikhokhela, ngaqala umsebenzi,” kuchaza uNkk Mbhele.
Waqala ngo-2014 ukuvula isikole efundisa uCode 8 kuphela. Uthe abantu bebefuna kakhulu ukwenza uCode 10. Kuthe esethole itoho lokuphakela izikole, wasebenzisa imali yakhona ukuthenga iloli likaCode 10, athe usalikhokhela. UNkk Mbhele uyazibambela mathupha ekufundiseni womabili amakhodi. Uthe umphakathi uyakujabulela ukufundiswa nguye yize abanye besilisa “bebemfikisa”.
“Kukhona labo abambalwa ababefuna ngisho ngibabuyisele imali abafunde ngayo uma bengaphasanga,” ehleka.